Isolezwe

Abepiggy Farm baphika eyokuba yibhanoyi

- BONISWA MOHALE

BAPHIKA izinsolo zokuthi bayibhanoy­i abepiggy Farm Trading emuva kokuthi inhlangano elwela amalungelo abathengi inational Consumer Commission, ithe isiqale uphenyo ngale nkampani ethi inezimpawu zokuba yibhanoyi.

Umnuz Soweto Mandlanzi othe ucelwe ukuba abe ngumkhulum­eli wepiggy

Farm Trading, utshele Isolezwe ukuthi abasilo ibhanoyi kodwa banamapula­zi ezingulube.

“Sinazo izingulube esizidayis­ayo futhi abantu bangazibon­a emapulazin­i ethu asemhlanga, Hillcrest nasemgungu­ndlovu.

“Akusilona iqiniso ukuthi siyibhanoy­i, mhlawumbe okudide INCC namabhange wukuthi abantu bebenomdla­ndla wokuthenga izingulube ebezigcinw­e emapulazin­i epiggy Farm Trading,” kusho umandlanzi.

Ebuzwa ukuthi abantu ababetshal­e imali yabo epiggy Farm bazoyithol­a nini, uthe okwamanje abakwazi ukunyakaza njengoba amaakhawun­ti esaphenywa.

“Uma INPA nezinye izinhlaka sebephothu­le uphenyo ipiggy Farm Trading izobe isikwazi ukukhokhel­a abantu imali yabo. Abantu bayazi ukuthi bebekhokhe­leka kahle ngaphambi kokuthi kuvalwe ama-akhawunti epiggy Farm. Asibalekil­e, amahhovisi asavuliwe, siyayiphen­dula nemibuzo yabantu,” kusho umandlanzi.

Isolezwe lizamile ukuthola abatshale imali epiggy Farm Trading kodwa iningi labo linqabile ukukhuluma.

Oyedwa okhulumile, ucele ukungadalu­lwa wathi wayethenge izingulube ezimbili kodwa kuye kwaba nezinkinga sekufanele athole imali yakhe ngonyaka odlule.

Uthe waze wafakelwa imali ngomunye wabasebenz­i bepiggy Farm Trading abasemahho­visi ale nkampani ethekwini.

Ebuzwa ukuthi ngabe uzolivula yini icala, uthe ngeke alivule ngoba wagcina eyitholile imali yakhe.

I-NCC ithe isamile ekutheni ipiggy Farm Trading iyibhanoyi ngoba ibiheha abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuba bathenge izingulube ezingafiki kubona ngor2 750.

Bebethenji­swa ukuthi bazokhokhe­lwa ur500 njalo ngenyanga kuze kuphele izinyanga eziwu-12. Okusho ukuthi bebezokwen­za ur6 000 ngokutheng­a ingulube eyodwa ngonyaka.

“Sicela abantu bazi ukuthi ukutshala imali ebhanoyini kuyicala, akufanele futhi bakhuthaze nabanye ukuthi bangene kulo.

“Ucwaningo lwethu luveza ukuthi ayanda amabhanoyi asebenzisa ezolimo ukuheha abantu. Uma umuntu ethenga imfuyo kufanele ayibone hhayi ukuthi athenge imfuyo engabonaka­li,” kusho INCC esitatimen­deni.

Uphiko lwezokushu­shisa, inational Prosecutin­g Authority (NPA) lumemezele ukuthi lunegunya lokuvala i-akhawunti yepiggy Farm Trading enor4.3 million njengoba luphenya okwenzeka kule nkampani.

Elinye iphephanda­ba elibhala online libike ukuthi inedbank ivale i-akhawunti yepiggy Farm Trading ebinor16 million.

Khonamanja­lo, ifinancial Sector Conduct Authority

(FSCA) isixwayise abantu ngokutshal­a imali enkampanin­i ebizwa nge-indiberrie­s & Co. Le nkampani nayo iheha abantu ukuthi batshale imali kumaberrie­s isebenzisa izinkundla zokuxhuman­a.

I-FSCA ithe le nkampani ayibhalisi­we ngokusemth­ethweni futhi ithembisa abantu inzalo engakholak­ali ka-45% ngenyanga.

Icele abantu ukuthi ngaphambi kokutshala imali yabo babheke ukuthi izinkampan­i zibhaliswe ngokusemth­ethweni yini, ngokushaye­la u-0800 110 443 noma bangene ku-https://www.fsca. co.za/regulated%20entities/ Pages/list-regulated-entitiespe­rsons.aspx.

 ?? Isithombe: PIGGY FARM TRADING ?? PHEZU kokuba izinhlanga­no ezisebenza ngemali nezivikela abathengi zithi ipiggy
Farm Trading iyibhanoyi kodwa abale nkampani bayakuphik­a lokhu
Isithombe: PIGGY FARM TRADING PHEZU kokuba izinhlanga­no ezisebenza ngemali nezivikela abathengi zithi ipiggy Farm Trading iyibhanoyi kodwa abale nkampani bayakuphik­a lokhu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa