Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19.

UKUNGABI namsebenzi ozowenza kungakugul­isa. Lesi yisikhathi sokuthi ushiye konke uzame ukuthola umsebenzi. Kubukeka sengathi udinga ushintsho empilweni yakho, ngakho-ke yiba nobuhlakan­i ngaphambi kokuthatha izinqumo ezizoshint­sha impilo yakho.

TAURUS: Apr 20 - May 20.

ISIMO singashuba uma kukhona osebenzisa­na naye ngoba lowo muntu othile angakuthwe­sa umthwalo ngenxa yokuhlulek­a ukumelana nomsebenzi wakhe. Qiniseka ukuthi wena uyakwazi ukuqeda umsebenzi wakho ngesikhath­i. Qikelela futhi ukuthi zonke izinto ezibalulek­ile uyaziqonda.

GEMINI: May 21 - Jun 20.

KUNGENZEKA uhlangabez­ane nenkinga yokuthi awusakwazi ukubalekel­a okwenzeka kudala. Ungaphoxek­a endleleni yakho kodwa kukhona ongakuzuza nesifundo ongasithol­a kulesi sehlakalo. Kunethuba elihle lokuthi ungathola ukuthi lokhu okusolayo kuyiqiniso.

CANCER: Jun 21 - Jul 22.

QAPHELA ukuthi okwenzayo awukwenzi ngehaba ngoba lokho kungakumos­hela imali. Kubaluleki­le ukuthi ube neqiniso futhi wethembeke ngenxa yokucabang­ela abanye abantu ngoba lokhu kungasiza wena. Kukhona okukudiday­o okuzophend­uka ngendlela ezoba buhlungu kuwena.

LEO: Jul 23 - Aug 22.

UZOBHEKANA nesikhathi esinzima ngoba kuzodingek­a ukuba usebenze kanzima ukuze uphumelele. Kungenzeka kube khona abakuphush­ayo ukuthi usebenze ngokweqile. Kuzoba khona ingxabano ezoqhamuka phakathi kwakho nomuntu ozama ukuhlukume­za ilungelo lakho.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22.

KUKHONA okungakuxa­ka emphefumul­weni futhi kungenzeka kuqhamuke ngomngani wakho. Ungazixaki ngokusiza abantu kunalokho bhekana nezinkinga zakho. Izinkinga ezikhathaz­a umphefumul­o kubukeka sengathi zizoxazulu­leka.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22.

IZINTO ezingenasi­dingo nokukhatha­zeka kungakulah­lekisela ngethemba ikakhuluka­zi ngezinking­a zakho. Kukhona okungenzek­a kulesi sikhathi okungakuph­oxa futhi lokhu kungaphaza­misa izinhlelo zakho.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21.

QAPHELA isithunzi sakho ukuthi singadicil­eleki phansi. Izinto ezibalulek­ile kungakuhle uzibheke ngeso elibanzi. Lindela uhlale uhlomile ngoba kubukeka sengathi kukhona inkinga ozohlangab­ezana nayo futhi kuzodingek­a ukuthi uyisukumel­e ngokukhulu ukushesha.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21.

LALELISISA uma kukhona okwenzayo ngakwezama­bhizinisi. Qikelela ukuthi konke okwenzayo ukwenza ngendlela efanele ngoba uma kungenjalo ungazithol­a ususenking­eni. Uma ungalandel­a le miyalelo ungakwazi ukubhekana nezinkinga ongahlanga­bezana nazo.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19.

UMA kukhona obuzibophe­zele kukho kubukeka sengathi usuyahlule­ka manje usufuna indlela ozophuma ngayo kulokhu. Ukushintsh­a kwakho umqondo ngeke kwamukelek­e ngakho-ke kubaluleki­le ukuthi udlule kulabo bantu ubachazele ngokuzokwe­nzeka.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18.

KUBALULEKI­LE ukuthi ubheke ukuthi abomndeni wakho ubakhombis­a kanjani uthando ngoba uma ungabaniki uthando olwanele lokho kungadala ukungezwan­i. Kubaluleki­le ukubhekela izidingo zakho.

PISCES: Feb 19 - Mar 20.

GWEMA ukwenza izinto ngokushesh­a ngoba lokho kungakulah­lekisela ikakhuluka­zi ngakwezoth­ando nezezimali. Uma ungabhekil­e futhi ungaqaphel­i ungagcina ngokuzisol­a ekuhambeni kwesikhath­i.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ilungu LE-ANC uwalter Sisulu lalibhoka emhlanganw­eni wale nhlangano owawubanje­lwe esophiatow­n, egoli, mayelana nokususwa kwabamnyam­a ezindawo okwakuthiw­a ngezabamhl­ophe

kuphela.

 ?? ?? Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala umenzi Alson Masuku owazalwa ngo-ephreli 15, 1993. Ungumdlali webhola lezinyawo waseningiz­imu Afrika odlala emuva kwiroyal AM.
Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala umenzi Alson Masuku owazalwa ngo-ephreli 15, 1993. Ungumdlali webhola lezinyawo waseningiz­imu Afrika odlala emuva kwiroyal AM.
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa