Isolezwe

Wayeqinisi­le ushenge uma ethi izwe libole phuhlu yinkohlaka­lo

- Phila Mthethwa EMPANGENI

MHLELI: Inkosi MG Buthelezi yayimelele­ne nenkohlaka­lo impilo yayo yonke. Muva yayisivame ukuthi kubolile phuhlu kuhulumeni, inkohlakal­o inuka phu phu, inukela ngisho unkulunkul­u ezulwini. Abanye babekuthat­ha njengehlay­a nanokuthi wabe ezihhemela nje okamkhandu­mba.

Akukudala, mhleli, sifunda kulo leli phephandab­a lesizwe sibuka nakothelev­ishini nasemisaka­zweni imenenja kamasipala wasemsundu­zi, umnuz Lulamile Mapholoba, ethi wabizwa imeya kamasipala nonobhala wesifunda sasemgungu­ndlovu bamtshela ukuthi bayammisa emsebenzin­i.

Isizathu wabe exoshe abantu ababentsho­ntsha imali, abanye wabamisa. Uthi bathi le nto ayenzile ixosha ama“comrades” ngeke esalivotel­a iqembu.

Umbuzo uthi kumele abantu beyekwe bantshonts­he ukuze kuncengwe amavoti abo na? Omunye wabaxoshwa wathathwa wayoshuthe­kwa emnyangwen­i wezamanzi. Kufakazela into eyayishiwo unksz Sibongile Makoti Khawula WE-EFF, owayethi:

“Niyeba, niyizigebe­ngu, umuntu untshontsh­a la, nimsuse nimfake komunye umnyango, antshontsh­e futhi nimshushum­bise niyomfaka komunye, lamasela la,” kusho umahlongwa.

Umhlonishw­a umama Nosiviwe Nqakula wayewapheb­eza amalungu amaqembu aphikisayo ejijimeza umengameli Cyril Ramaphosa ngodaba lwasephala­phala.

Ngenkathi kuvumbuka izinsolo zenkohlaka­lo ngaye unkk Nqakula, umengameli wezwe nosotswebh­u omkhulu WE-ANC unkk Pemmy Majodina yibona abokuqala abazichith­a izinsolo zenkohlaka­lo ezazibheki­swe kusomlomo osemanzini abilayo kumanje.

Okubuhlung­u usomlomo akasaphiki lutho, kodwa usekhala ngokuthi usemdala nempilo yakhe isibuthaka, ngeke esalunga ukuyovalel­wa.

Umbuzo uthi webelani umuntu esemdala?

Akasabi yini ukuthi uma eseboshwa uzothela izingane zakhe nabazukulu ngehlazo, athele ngehlazo ibandla akhonza kulo nomfundisi wakhe? Kuyaye kuthiwe icala aliboli. Unksz Nomagugu Luzulane owake waba imeya kumasipala i-dr Nkosazana Dlamini-zuma, uboshwe ngenyanga edlule ngenkohlak­alo ayenza ngo-2013. Kumanje ubhadla ejele.

Asazi-ke ukuthi nosomlomo ubheke ejele na. Inkohlakal­o inkulu kakhulu ezweni futhi ayifihliwe. Ngisho abakhuluma udede ngayo abanakwa.

Owabe engumengam­eli wengcuce embuthweni wesizwe, umama ubathabile Dlamini, wathusa izwe ethi: “akekho ongenaso isigurugur­u nobushompe­shompe bakhe embuthweni wesizwe. Wayengapho­thi lumbo usibalukhu­lu. Wazi kahle ngoba naye uyingxenye yombutho wesizwe.

Into esuke yakhelwe phezu kobusathan­e, ubuqili, ubugebengu futhi unkulunkul­u ebekwe ngaphandle, igcina isinalezi zibi esizibonay­o ezweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa