Ukuziphatha kahle kwabantu kungehlisa ulaka lwezingozi ngephasika
KULE mpelasonto izigidi zamakholwa umhlaba wonke zigubha isikhathi esimqoka emlandweni wobukrestu - sokuhlushwa, ukubethelwa nokuvuka kwenkosi ujesu Kristu.
Kubalandeli bale nkolo le mpelasonto ingukufinyelela esiphethweni sesikhathi sokuzila okuhlotshaniswa nokugonqa ehlane kukajesu izinsuku ezingu-40 okulotshwe ngakho ebhayibhelini. Kuba futhi yisikhathi sokuvuselelwa kokuhlukana nesono kulabo abazibophezele ebukholweni. Kwabagcotshiwe lesi yisithuba sokuvuselela izifungo zabo ngokuzinikela obizweni abakulo.
Uvuthondaba lwakho konke ukukhumbula ukufa nokuvuka kukajesu okwenzeka ezinsukwini ezintathu - kusukela ngolwesihlanu kuya esontweni - nokuyisona sizalo senkolo yobukrestu. Ubukhulu bale ndaba yokufa "nokunqotshwa kokufa" bubonakala ngezinkonzo ezithi chithi saka umhlaba wonke unyaka nonyaka njengoba kuzokwenzeka kule mpelasonto.
Kuyaqapheleka-ke ukuthi ubukhona bamaholidi okugubha lesi sikhathi esibizwa ngephasika nesiluphawu lwenkululo kumakrestu sibuye sibe ngesidala ukukhathazeka, ikakhulu kuleli, ngenxa yokuphithizela emigwaqweni okuza nezingozi. Ngeshwa ukuba ubudedengu kwabantu obubhebhethekiswa kakhulu nawuphuzo oludakayo esizweni.
Miningi imiphefumulo ephumayo ngenxa yokweqiwa kwemigomo ebekelwe ukusetshenziswa kwemigwaqo kuleli. Lokhu-ke kuyaphambana nesizathu sobukhona bala maholidi amsuka wawo kungunqotshwa kokufa nokukhululwa komuntu esonweni, ngokwenkolo yobukrestu.
Akunampikiswano ngokuthi abenkolo yobukrestu nabayinzalo yabo bayiningi kuleli. Kungalesi sizathu sithi uma lelo ningi lingabuyela ezimisweni zalezi zinsuku ngokuziqoqa kungaba nomehluko kwezokuphepha. Awucabange nje ubumnandi benhlokomo yokukhumbula ukuvuka kukakristu ngesonto uma kungehla ulaka lwezingozi emigwaqweni? U-ameni nohaleluya ungaba nomsoco ohlukile.