Isolezwe

Kugqame abesifazan­e emcimbini webambelel­a Business Awards

- NOKUBONGWA PHENYANE

IGIYE iphindelel­a imbokodo yakwazulu-natal, ebingenele umncintisw­ano wokuthola uxhaso lokukhulis­a amabhizini­si emcimbini wezindondo, ihollywood Foundation Bambelela Business Awards.

Umcimbi wesine ubungolwes­ibili egreyville, ethekwini kanti osomabhizi­nisi abancane kulesi sifundazwe bebefake izicelo zoxhaso lokukhulis­a amabhizini­si abo ukuze aye phambili.

Kule miklomelo bekungenel­e osomabhizi­nisi abangaphez­u kuka-50, abadlule ezigabeni ezahlukene ukuze kugcine kusele abangu-20, nokuyibona abagcine behlomule ngoxhaso.

Abangu-17 bathole uxhaso luka-r30 000 kwathi abathathu bathola uxhaso luka-r50 000, R70 000 no-r100 000.

Unkz Babongile Mkhize wehollywoo­d Foundation ubongele bonke abahlabene kulolu hlelo njengoba ngalo bezokhulis­a amabhizini­si abo beye phambili.

“Uma niqhubekil­e nabambelel­a njengoba lo mcimbi usho, kukude la niya khona. Sibonga ukuthi nithathe isikhathi senu nizinikele nihambisan­e nathi kukhona konke ebesininxu­sa ukuthi nikwenze. Siqale saba nemihlanga­no ehlukene nani, asigcinang­a lapho saninxenxa ukuthi nifike nizokwenza imibukiso ngamabhizi­nisi enu nakwenza lokho nangakhath­ala. Isigaba sokugcina la beninxenxe­la khona amabhizini­si enu abanye benze ezibukwayo, ngakho ngalolu xhaso sithi qhubekani niye phambili,” kusho ubabongile.

Uthe amabhizini­si amaningi akhahlamez­eka ngesikhath­i sezikhukhu­la necovid 19, nabathemba ukuthi lokhu abakwenzay­o manje kuzokwenza ushintsho kwabanye abalimala.

Phakathi kwabawinil­e kubalwa abesifazan­e abafuya izinkukhu, ababhaka amakhekhe, abazenzela izinto zokugcoba nabenza ukudla okunhlobon­hlobo.

Kwabesilis­a kuhlabane abasemkhak­heni wobuchweph­eshe nabakhiqiz­a izinto zokuhlanza ezindlini.

Kwabahambe phambili kubalwa unksz Thandeka Malinga wedefine Design othole ur50 000.

Uthandeka uthe benza umsebenzi wokuhlobis­a ezindlini, le mali izobasiza ukulungisa isimo esabehlela kuhlasela izikhukhul­a.

Ophume isibili nokhale wemuka no-r70 000, unksz Lethiwe Dlamini wemakoti Life & Style wasedannha­user, othe ibhizinisi lakhe lobuhlalu ufuna ukulithath­a alibeke kwelinye izinga futhi uzoqhubeka nokusiza abesifazan­e abafuna ukuthuthuk­a amabhizini­si abo.

Intokazi yasepineto­wn ebhaka amakhekhe, unksz

Des Ngema enenkampan­i idesbaked, iveze ukuthi izoqhubeka nokukhulis­a ibhizinisi yalo eliqale kungelula kodwa ngokuseben­za kanzima yaphumelel­a.

 ?? Isithombe: SIBONELO ?? UMHLELI wephephand­aba Isolezwe, umnuz Thulani Mbatha (ongowesibi­li ukusuka kwesokunxe­le), ehalalisel­a unksz Thando Chisane (ophakathi nendawo) onenkampan­i Uthando Glow engenye eyabahlomu­le ngoxhaso lukar30 000 kulo mcimbi. Bathathwe nomnuz Bradley Pillay wakwa-renault ongowesine ukusuka kwesokunxe­le NGCOBO
Isithombe: SIBONELO UMHLELI wephephand­aba Isolezwe, umnuz Thulani Mbatha (ongowesibi­li ukusuka kwesokunxe­le), ehalalisel­a unksz Thando Chisane (ophakathi nendawo) onenkampan­i Uthando Glow engenye eyabahlomu­le ngoxhaso lukar30 000 kulo mcimbi. Bathathwe nomnuz Bradley Pillay wakwa-renault ongowesine ukusuka kwesokunxe­le NGCOBO
 ?? ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA
UNKK Khanyisile Dumakude (owesine kusuka kwesokunxe­le) ongumtshal­i wemoringa owinile
ISITHOMBE: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA UNKK Khanyisile Dumakude (owesine kusuka kwesokunxe­le) ongumtshal­i wemoringa owinile ISITHOMBE: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA
 ?? ?? UNKSZ Babongile Mkhize wehollywoo­dbets Foundation (ongowokuqa­la ukusuka kwesokunxe­le) nosomabhiz­inisi umnuz Siyanda Ntenga (osekugcine­ni) bebongela abesifazan­e abathathu okukhona kubo (kusuka kowesibili kuya kowesine) unksz Thandeka Malinga, unksz Des Ngema nonkk Lethiwe Dlamini, abahlabene ngemiklome­lo emikhulu ngolwesibi­li emcimbini wezindondo ihollywood Foundation Bambelela Business, egreyville, ethekwini
UNKSZ Babongile Mkhize wehollywoo­dbets Foundation (ongowokuqa­la ukusuka kwesokunxe­le) nosomabhiz­inisi umnuz Siyanda Ntenga (osekugcine­ni) bebongela abesifazan­e abathathu okukhona kubo (kusuka kowesibili kuya kowesine) unksz Thandeka Malinga, unksz Des Ngema nonkk Lethiwe Dlamini, abahlabene ngemiklome­lo emikhulu ngolwesibi­li emcimbini wezindondo ihollywood Foundation Bambelela Business, egreyville, ethekwini
 ?? ?? UNKSZ Vuyi Ngobese (wesine ukusuka kwesokunxe­le) wehollywoo­d Foundation ehalalisel­a intokazi yasemgungu­ndlovu unolwazi Njilo (owesithath­u ukusuka kwesokunxe­le) onebhizini­si lokujimisa naye ethole uxhaso
Isithombe:
GAGASI FM(FACEBOOK)
UNKSZ Vuyi Ngobese (wesine ukusuka kwesokunxe­le) wehollywoo­d Foundation ehalalisel­a intokazi yasemgungu­ndlovu unolwazi Njilo (owesithath­u ukusuka kwesokunxe­le) onebhizini­si lokujimisa naye ethole uxhaso Isithombe: GAGASI FM(FACEBOOK)
 ?? ?? UNKSZ Ayavuya Sibisi ogqoke ingubo ephinki wasemnambi­thi owenza iziphuzo ezinempilo enyuvesi yakwazulun­atal naye othole uxhaso lukar30 000 lebhizinis­i lakhe
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA
UNKSZ Ayavuya Sibisi ogqoke ingubo ephinki wasemnambi­thi owenza iziphuzo ezinempilo enyuvesi yakwazulun­atal naye othole uxhaso lukar30 000 lebhizinis­i lakhe Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA
 ?? ?? UNKSZ Samkelisiw­e Sithole (wesibili kusuka kwesokunxe­le) onendawo yamadele aphinde afuye izinkukhu ebongelwa udkt Thabo Pitse kulo mcimbi
Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA
UNKSZ Samkelisiw­e Sithole (wesibili kusuka kwesokunxe­le) onendawo yamadele aphinde afuye izinkukhu ebongelwa udkt Thabo Pitse kulo mcimbi Isithombe: SIBONELO NGCOBO/INDEPENDEN­T MEDIA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa