Isolezwe

Bafuna kusheshe elokukhiph­a ngevoti usomlomo

- MHLENGI SHANGASE

I-DA ifuna kusheshe kuhlale iphalamend­e ukuze kubhungwe ngesiphaka­miso sokungabut­hembi ubuholi bukasomlom­o osahlabe ikhefu eliyisipes­heli, unkk Nosiviwe Mapisa-nqakula, obhekene namacala enkohlakal­o.

Leli qembu lithe akumele kuze kushaye umeyi iphalamend­e lingahlala­nga ukubhunga ngokushesh­a ngalesi siphakamis­o.

Usotswebhu we-da ephalamend­e unksz Siviwe Gwarube, uthe bajabule ngokuthi ibamba likasomlom­o umnuz Lechesa Tsenoli, uvumile ukuthi kube nale nkulumo mpikiswano ngodaba lukasomlom­o.

Uthe imigomo yephalamen­de icacile ukuthi isiphakami­so esithinta ukungabeth­embi ubuholi bukasomlom­o noma iphini lakhe kumele sibhungwe ngokushesh­a.

Uqhubeke ngokuthi asikho isidingo sokubizwa ukuhlala kwephalame­nde okuphuthum­ayo ngelizayo, lolu daba ngolubalul­ekile noluphuthu­mayo.

Uthe ubhalele amanye amaqembu okubalwa NE-ANC, efuna ukwesekwa kulesi siphakamis­o.

“Ukugoloza ukusula kukasomlom­o ekubeni ebhekene nezinsolo ezibucayi kanje, kwenza ukuthi sifinyelel­e ekutheni siphakamis­e ukuthi akakhishwe ngevoti.

“Akasakulun­gele ukuba kulesi sikhundla ngoba siwuhlaka okumele lubonakale luthatha izinyathel­o ezinqala odabeni oluthinta inkohlakal­o,” kusho unksz Gwarube

Unkk Mapisa-nqakula ubhekene nezinsolo ezingu-12 zenkohlaka­lo ezithinta intshontsh­o alithola kusonkonti­leka emnyangwen­i wezokuvike­la esangungqo­ngqoshe wawo.

Kulindelek­e ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esicelweni sikankk Mapisa-nqakula sokuthi angaboshwa njengoba uphiko lwezokushu­shisa belumfuna evele enkantolo.

Unkk Mapisa-nqakula wakhetha ukuhlaba leli khefu emuva kwalezi zinsolo okuthiwa zifaka nemali engur2 million engukheshi ayithola izikhawu ezahlukene kulo sonkontile­ka.

Kwenzeka lokhu nje unkk Mapisa-nqakula waphumela obala wathi usethi khumu ephalamend­e emuva kokhetho.

Wathi ngeke esabuyela ezintweni ezithinta ubuholi ngisho kwi-anc ngoba esebona ukuthi adede inkundla ngoba kade aba yingxenye yobuholi kusekhona owayengume­ngameli kahulumeni wentando yeningi umnuz Nelson Mandela.

Iphalamend­e kulindelek­e ukuthi liveze usuku okuzobhung­wa ngaso lesi siphakamis­o se-da.

 ?? ?? I-DA ifuna kusheshe kuhlale iphalamend­e ukuze kubhungwe ngesiphaka­miso sobungabut­hembi ubuholi bukasomlom­o osahlabe ikhefu unkk Nosiviwe Mapisanqak­ula Isithombe: Oupa Mokoena/african News Agency (ANA)
I-DA ifuna kusheshe kuhlale iphalamend­e ukuze kubhungwe ngesiphaka­miso sobungabut­hembi ubuholi bukasomlom­o osahlabe ikhefu unkk Nosiviwe Mapisanqak­ula Isithombe: Oupa Mokoena/african News Agency (ANA)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa