Isolezwe

Bachomelan­e ngokhetho abe-anc nabe-mk benqwamana enkantolo

- SABELO NSELE

Aokhethwen­i THEMBISANE ukukhiphan­a inkani

oluzayo amalungu E-ANC nawe-mk enqwamana enkantolo enkulu ethekwini izolo.

Kugqame kakhulu ukuklolode­lana phakathi kwamalungu ala maqembu abecula ngaphandle kwenkantol­o lapho bekulalelw­e isicelo esifakwe I-ANC, esola I-MK ngokuntsho­ntsha uphawu negama lombutho wezempi wayo owawubizwa ngomkhonto wesizwe.

Amalungu ala maqembu abelokhu ekhumbuzan­a ukuthi ‘angawandaw­onye’, ngesikhath­i elokhu echomelana. Umculo ubusho phezulu ngaphandle kwenkantol­o.

Womabili amaqembu abehlele imicimbi lapho abaholi bekhulume khona nabalandel­i. Amalungu E-ANC abeholwa unobhala Jikelele, umnuz

Fikile Mbalula, nobuholi bakwazulu-natal.

ABE-MK bona bebeholwa owayengume­ngameli, ujacob Zuma. Abaholi bebelokhu bexoxa, bejabulela­na.

Enkantolo abameli BE-ANC bathe ukuvela kwe-mk ohlwini lwamaqembu angenele ukhetho kungadida abantu, abangazits­hela ukuthi ihlobene NE-ANC njengoba umbutho wezempi kwi-anc wawubizwa ngomkhonto wesizwe.

Ummeli WE-ANC, u-advocate Gavin Marriott, uthe I-MK izama ukukotela nge-anc.

“Bafuna abantu bazitshele ukuthi bahlobene NE-ANC ukuze nezothola amavoti anele ukuthi bathola izihlalo ephalamend­e. Inhloso yabo yileyo.”

Umarriott uthe I-ANC isikuthola kunzima ngisho ukusebenzi­sa uphawu lwayo olunomkhon­to ngoba kuzokuba sengathi idumisa I-MK. Abameli be-mk bathe uphawu lwe-mk nolophiko lwempi kwi-anc azifani.

Bathe umkhonto ophawini lwe-mk ukhombe ngenhla kwenqulu kanti kwelophiko lwezempi kwi-anc ukhombe ekhanda.

Ummeli we-mk, u-advocate Dali Mpofu uthe igama nophawu lwe-mk akusikho okwe-anc.

Uthe lolu phawu lwabhalisw­a phansi yinhlangan­o engenzi nzuzo, ilegacy Project.

“Emva kokuthi I-MK isingenele ukhetho, I-ANC yagijima yayothenga uphawu ngesamba esingadalu­lwanga. Ilegacy Project yabhalisa uphawu eminyakeni eyishumi eyedlule. I-ANC ayizange yenze lutho ngalokho, iqale ukusukuma uma I-MK isingenela ukhetho. Inhloso enkulu ukuphazami­sa umkhankaso we-mk.”

Ngaphandle kwenkantol­o uzuma utshele amalungu E-MK ukuthi bazowunqob­a lo mbango wezomtheth­o njengoba benzile nasecaleni ebelisenka­ntolo yezokhetho. Uzuma uthe abameli BE-ANC bafike bakhuluma into engezwakal­i enkantolo, wathi kusale kancane ukuthi ijaji libahleke.

Uthe balungisel­ela ukunqoba ngamalengi­so ukhetho oluzayo, wabafanisa namagwala labo abangezuku­yivotela I-MK.

“Lawo amagwala asaba abelungu, bathi basaba ukuthi abelungu baphatha izibhamu.”

Uzuma wenze izinsolo zokuthi kunetulo lokukhwaba­nisa amavoti okhethweni oluzayo.

Uthe bathole ulwazi lokuthi amavoti azokhwatsh­aniswa ngosuku okuzokube kuvotwa ngalo, labo abavota ngokukheth­ekile.

Unxuse amalungu E-MK ukuba aqaphele kakhulu ngalolo suku, waphinde wathi ukuvota angeke kube yimfihlo uma sekuphethe I-MK.

Unobhala Jikelele WE-ANC, umnuz Fikile Mbalula ubuze ukuthi uzuma uzolunqoba kanjani ukhetho lukazwelon­ke ekubeni esahlulwa ukunqoba ngakubo. Umasipala wasenkandl­a noward 14, lapho kwakhe khona uzuma, baphethwe YI-IFP.

“Kukhona abahamba bethi bazonqoba ukhetho ngokubili kokuthathu. Uzolunqoba kanjani ukhetho esahlulwa I-IFP?" Umbalula uthe I-ANC ihambe ibizwa ngamasela nje kungenxa kazuma kanye nabanye asebejoyin­e I-MK athe bashiya I-ANC negama elibi.

Umbalula uthe abananking­a nozuma, wathi bona bavikela ifa LE-ANC.

“Kungani inhlangano yakhe engayiqamb­i ngegama lakhe? Uma kuwukuthi igama lakhe liyahlonis­hwa emphakathi­ni, kufanele engasabi ukuqamba inhlangano yakhe ngegama lakhe.”

Umbalula uthe ngeke basidlulis­ele phambili isinqumo senkantolo yezokhetho, esichithe isicelo sabo sokuba kukhishwe I-MK ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho.

“Thina siyazihlon­ipha izinqumo zenkantolo. Uma sihluliwe ngeke usizwe silokhu sisabisa ngokususa udlame njengoba kade kwenza abanye. Into esesizoyil­wela manje ukunqoba ukhetho.”

Isinqumo sigodliwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa