Ucijimpi uchazwa wugazi kwabosuthu kwawepsl
AKUMQWASHISI ebusuku umqeqeshi wamazulu FC upablo Franco Martin, ukusabalala kwamahlebezi okuthi kunamaqembu athathwa njengamakhulu aseqalile ukuzungeza abadlali bakhe abamqok, ngenhloso yokubahlwitha kuyena.
Usuthu aluhleli kahle kwilog yedstv Premiership ngoba lusendaweni ka-11 ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-20.
Ubugozi balokhu ukuthi Usuthu lungcono ngamaphuzu amathathu kwimoroka Swallows esendaweni yesithathu uma usuka emsileni kodwa sebedlale imidlalo elinganayo.
Leli qembu lasethekwini lizobuyela kwiligi ngomdlalo onzima ne-ts Galaxy ekuhambeni ngomgqibelo ngo-6 ntambama embombela Stadium.
Isikhwishikhwishi esisanda kubizelwa kwibafana Bafana (yize sibuye sagawulwa izembe), utshepang Moremi, isitobha sasenamibia uriaan Hanamub ngamagama avela kaningi kubadlali okuthiwa balandelwa ngamaqembu asegauteng.
Kujwayelekile ukuthi abadlali bahehe iso lamaqembu athathwa njengamakhulu uma benza kahle futhi beyidlala cishe yonke imidlalo njengomoremi nohanamub.
Ukubalwa kukamoremi esikwatini sebafana ebizwana amandla ne-algeria izolo ebusuku estade Nelson Mandela, kuzowandisa amehlo azohlala kuyena.
Okukahanamub ukunakeka kuqale ngesikhathi kuqhubeka i-africa Cup of Nations (Afcon) ebise-ivory Coast muva nje lapho ebemele khona iqembu lesizwe lakubo.
Lo mqeqeshi odume ngelikacijimpi futhi ongakuphiki ukuthi iqembu lakhe alikho lapho kufanele ngabe likhona, ayimdikibalisi indaba yokuthi kunabadlali bakhe abafunwayo.
“Nginalo ulwazi lokuthi kunamaqembu athathwa njengamakhulu afuna abadlali bami okuyinto engijabulisayo ngoba lokhu kukhomba ukuthi kukhona okuhle esikwenzayo,” kusho umartin kwabezindaba ngeledlule.
“Amaqembu athathwa njengamakhulu ngeke athatheke kubadlali uma bengezi kahle emaqenjini abo, ngakho-ke kufanele sikujabulele ukuthi sikhiqiza abadlali abahalisayo kwamanye amaqembu.
“Konke kuyahlangana yize singekho lapho kufanele ngabe sikhona ngokwamaphuzu kodwa kuyethembisa futhi abadlali bakhombisa ukuzinikela okuyisimanga.
“Ngalesi sikhathi nyakenye akekho obekhuluma ngabadlali bamazulu kodwa sengiyizwe kaningi indaba yokufunwa kwabadlali bethu kulokhu okuzitolika ngokuthi iqembu lingcono kunalokhu ebeliyikhona nyakenye.
“Kusemqoka ukuthi singabadedeli kalula abadlali bethu ngesikhathi esizayo uma iqembu selilwela ukuqeda phezulu kwi-log njengoba sisabumba, uma kukhona ohambayo kuzosiphoqa ukuthi sibheke engxenye siphinde sakhe futhi,” kuphetha ucijimpi.