Qaphelani amaqembu andiza ngamabhanoyi ekubeni ningenawo amanzi
MHLELI: Ukubonakala kwebhanoyi endaweni yesakwamthethwa, kunganethusi. Khumbulani ukuthi aninawo amanzi kepha amaqembu ayayithola imali yokukhankasa. Yize imali yokukhankasa iwumxhaso futhi ingahlangene nezidingo zomphakathi kepha ungqongqoshe wamanzi nokuthuthwa kwendle umnuz Senzo Mchunu WE-ANC nomnuz Thami Ntuli WE-IFP King Cetshwayo, basebenzisa imali yabakhokhibentela.
Kuyicala elibomvu ukukhankasa ngemali yabakhokhintela ngoba yabelwe ukunakekela izidingo zomphakathi. Yingakho inhlangano yezokhetho I-IEC, iyalela amaqembu ukuthi eze ngaphambili adalule ukuthi ayithatha kuphi imali yokukhankasa.
Kubalekelwa ukuthi kungathathwa imali yabakhokhintela kukhankaswe ngayo. Bagwema ukuthi kuqhamuke imali phesheya kwezilwandle izoxhasa iqembu elithize, bese ngemva kokhetho kuvele abaxhasi sebefuna ukulawula izwe njengoba bekwenza abakwagupta.
Nisazowabona amaqembu ekhankasa kwesakwamthethwa, nikhumbule ukuthi alikho elinganayo imali yokukhankasa kepha kuzoshiyana olimini uma sebeninxenxa. Kungathi ngoba usabone abe-ifp bendiza ngebhanoyi bese ucabanga ukuthi usazowabona amanzi. Phela nabasazongena bazonithembisa amathuba omsebenzi, nokunye. Kepha, ngemva kokhetho dololo! Nabazolandelana ngezimoto bezokhankasa abanye banithengele utshwala nenyama benze nemcimbi, khumbulani ukuthi yingoba bayakhankasa.
Bayeza abazonipha izijumbane, nezikibha ngoba ziningi izindlela zokukhankasa. Wena dedela igazi ubukele amaqembu engena, ephuma ngakini. Abaholi besho lokhuya nalokhuya. Elami lithi wena balalele bonke bese ukhetha omuzwa kangcono.
Isibonelo, uma uthi uyahambisana nomgomo wokwamukela ukuthi abokufika bangene kuleli njengoba kwenzeka, ungavotela I-ANC noma I-EFF. Uma ungabafuni kuleli ungavotela I-IFP, IDA noma i-action SA. Konke sezandleni zakho ukuthi wenze isinqumo.
Kumele niyeke ukuthi nivote ngoba nithi “yiqembu lami”. Makuphele ukuthi nizicindezele ngokuvota ngokweqembu ngoba yikhona okudala ukuthi niteleke uma amaqembu enu engasazifezi izethembiso.