Akwande ukuthula noxolo njengoba sibheke okhethweni
OQHIBUKHOWE bemibhikisho ababonakala kulezi zinsuku esikuzo basho khona ukuthi selidumela emasumpeni ukuba kufike isikhathi sokhetho. Kanjalo nokuqhwishelana ngothuli phakathi kwabaholi bamaqembu nokungcofana kwabo okuyela ngasekwehleni kwenhlonipho nakho kuluphawu lokuthi wonke umuntu okwezombangazwe ufuna ukuba muhle emehlweni abantu.
Nawo amaqembu epolitiki kuba saqhamuke lokhu, avuke ayomasha. Abaholi bawo abasagejwa mcimbi lapho kuhlangene khona abantu - singabala imishado, imingcwabo, imidlalo, izinkonzo, amafestiveli omculo, ngisho umngcwabo wekati ngeke bawuyeka - uma nje uzoba nedlanzana labantu, osopolitiki bayafika bezokhalisa umnikazi kamangobe. Kungenxa yalokhu kuphithiza kwalesi sikhathi esibheke okhethweni okwenza nabantu bazithole sebephendukelana ngoba befunzwe imiyalezo eqhathayo yilabo abasuke bekhankasa bebeka kabi izimbangi zabo. Iningizimu Afrika, ikakhulu Kwazulu-natal inomlando ongemuhle wokungakwazi ukubekezelelana nokwamukela ukuthi singahlukana ngemibono yepolitiki kodwa sihlalisane.
Nokho sikholelwa ekutheni kuningi isizwe esakufunda ezigamekweni ezenzeka phambilini, ngalesi sizathu ngeke sisalutheka sibuyele ekubisheni odakeni lothuthuva lwepolitiki futhi.
Ukwakheka komkhonto wesizwe Party ehlubuke KU-ANC nokugigiyelana ngamagama phakathi kwabaholi BE-ANC NE-IFP, kubuyise uvalo lokuthi amanzi angaphinde ame lapha ake ama khona. Abahlaziyi abaningi abakuyeki ukuphawula ngengebhe abanayo ngalokhu. Kodwa isimo esesisibone ngemuva kokubanjelwa kwama-rally okwethula imiqulu yezethembiso zokhetho YE-EFF, ANC NE-IFP siveza ukuthi sekuntwela ezansi ngokusebenza kwentando yabantu kuleli.
Sengathi lo moya wokwamukelana unganda, kuthi nalabo abasasilele emuva bakhule, sonke sakhe izwe elinokuthula.