Injabulo benikwa izincwadi zokuqashwa
KUBE yinjabulo kwabangamakhulu ngesikhathi umnyango wezokubusa ngokubambisana nezindaba zomdabu EKZN unika izincwadi zokuqashwa kwabazoqeqeshelwa umsebenzi kuhulumeni nabazoqashwa ngokugcwele.
Abaqashiwe kubalwa abazoqeqeshelwa umsebenzi abangaphezu kuka-500, abasebenzela isipiliyoni abangu-220 nabaqashwe ngokuphelele abangu-100.
Banikwe izincwadi zokuqashwa umphathiswa womnyango unkk Bongiwe Sithole-moloi ngesikhathi kunomcimbi othongathi Sports Center ngomsombuluko.
Umnyango ubunokhukhulelangoqo wohlelo lokuqasha ngaphansi kohlelo ishesha Waya Waya obelwenziwa ngezobuchwepheshe.
Lolu hlelo belusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukulekelela abafuna umsebenzi ukuba bafake izicelo zomsebenzi kuhulumeni.
Abaqeqeshelwa umsebenzi njengengxenye yezifundo abazenzayo ezikhungweni zemfundo ephakeme bazofakwa komasipala abehlukene kanti abanye ezindaweni ezahlukene esifundazweni.
Abanye bona bazofakwa ekomkhulu ukulekelela ezimpikweni ezahlukene ngamakhono abo amasha nokuthi bathole isipiliyoni esizobasiza ukuthi baqasheke.
Kwabaqashiwe kukhona nezimenenja ezisezigabeni eziphakathi nendawo kanye nabasezingeni eliphezulu. Iningi labaqashiwe lizoqala ukusebenza ngo-ephreli 1 nonyaka.
Ebanika izincwadi zokuqashwa unkk Sitholemoloi ubahalalisele abasebenzi abebejabule begcwele indawo obekubanjelwe kuyo umcimbi njengoba belindele umzuzu ozoshintsha impilo yabo.
“Uhulumeni uzimisele ukulwa nezinga eliphezulu lokungasebenzi kwabantu nokusiza asebethweswe iziqu ukuthi bathole isipiliyoni esidingekayo ukuze baqasheke,” kusho unkk Sithole-moloi.
Abanikwe izincwadi zokuqashwa bazwakalise ukujabula ngohlelo lukahulumeni lwezobuchwepheshe lokuqasha abathe lwenza ukufuna umsebenzi kungabi nazihibe