Kusinda kwehlela ngezinkinga zamanzi komasipala
OMASIPALA bayimbangela yokuthi kube nezinkinga zengqalasizinda osekuphele isikhathi eside ingalungisiwe ngoba imali abayinikwa wumnyango wezamanzi bayisebenzisela ezinye izinto.
Lokhu kushiwo yiphini likangqongqoshe walo mnyango, umnuz David Mahlobo, ephawula ngezinkinga zamanzi ezihlasele omasipala ababili abakhulu kuleli okuyijohannesburg nomasipala wetheku.
Muva nje, umbiko kamasipala wasethekwini wokusebenza kwemali ku-2022/23, uveza ukuthi emalokishini amabili asethekwini umlaza nasentuzuma, amanzi uyavalwa ngezikhathi ezithile ngenhloso yokuwonga. Ejo’burg ezinye izakhamuzi ezingaphansi kwalo masipala sizithole zingenawo amanzi amasonto amabili ngoba umasipala ungakwazi ukuziphakela amanzi kulandela ukuphazamiseka okuqale ngokuthi kushe isiteshi sikagesi sishaywe yizulu.
Umahlobo uthe yonke iminyaka umnyango wezamanzi ukhipha isabelomali esithize, usinike omasipala ukuze balungise izinto ezithinta amanzi kodwa bona bayithathe leyo mali bayisebenzisele ezinye izinto, ngaphezu kwalokho amanzi bayawadayisa umphakathi uyakhokha.
"Kulabo masipala bobabili eminye imiphakathi amanzi alethwa ngamaloli okuzokwenza ukuthi kube nzima ukuthi bakwazi ukuwakala njengokuthi umuzi ngamunye uhlomule ngamanzi angakanani. Abantu abadala kabakwazi ukufinyelela lapho amaloli asuke ekhona.
Umbiko wonyaka walo kumasipala wetheku, uveza ukuthi uma ungaphakela umphakathi ngamanzi ngokujwayelekile kuzogcina kunezindawo ezingenawo.
Inhloko yophiko lwezamanzi, umnuz Ednick Msweli ethekwini, ithe amanzi entuzuma nasemlaza azolokhu evulwa ngezikhathi ezithile kuze kube kuphela ukwakhiwa kohlelo lokuphakela amanzi umkhomazi Water Project okulindeleke ukuthi liqale ukudwetshwa kule nyanga bese kuqala ukwakhiwa ngo-2026.
I-rand Water ayikwazi ukuphakela umasipala wasejohhanesburg amanzi angaphezulu kwenani elibalulwe umnyango wezamanzi ngoba umnyango ubhekelele ukuthi angapheli. Amanzi engeziwe kulindeleke ukuthi lo masipala uwathole ohlelweni ilesotho Highlands Water Project.
"Omasipala kufanele ukuthi basebezisane nezikhungo zamanzi ukuze kube nesisombululo. Ethekwini umasipala usebenzisana nothukela umgeni Water," kubeka umahlobo.