Isolezwe

Thatha Uhambo Olumangali­sayo Lwephasika Ongeke ulukhohlwe

-

Njengoba lilokhu lisondela iphasika, sinenjabul­o enkulu ukumema bonke abase Ningizimu Afrika ukuba bathathe uhambo olungajway­elekile nolumangal­isayo, lwesiko-mpilo, nokudla okuconsis’ amathe! Zilungisel­ele ukujabulel­a iphasika ngendlela eyingqaliz­ivele ngomkhanka­so wethu wephasika we Sho’t Left obizwa ngokuthi: “Seat At The Table” (Hlala etafuleni). Umoya wephasika ungumgogod­la womkhankas­o wethu – isikhathi sokubungaz­a umndeni, ukholo, nokuhlola izindawo. Siyaqonda ukuthi kwabaningi, ukuvakasha ngalesikha­thi samaholide kungase kubonakale kungenakuf­inyeleleka. Yingakho sikulethel­a ngokuqondi­le injabulo enkulu yephasika, kungakhath­alisekile ukuthi ukuphi nendawo lapha ezweni! I-sho’t Left ikhuthaza abantu base Ningizimu Afrika ukuba bazikhiphe bazakhele ezabo izinkumbul­o zephasika noma kuphi kulesi sikhathi samaholide, bake bathi ukuphuma emizini yabo. Ngokuqaphe­la ukubalulek­a kwamataful­a ekuxhumani­seni abantu emphakathi­ni, sinimema ukuba nizidekele elenu itafula noma kuphi ezindaweni eziyingqal­izivele ngempela ezihlukahl­ukene ezithe’ chithi saka kulelizwe lethu. Ngezifunda­zwe ezingu 9 abangaziva­kashela, abavakashi base Mzansi banenqwaba yezindawo ezifinyele­lekayo zokuzijabu­lisa abangeke bakukhohlw­e abangakhet­ha kuzona. Umkhankaso we #Seatatthet­able ukhuthaza abase Ningizimu Afrika ukuba bayihlele kabusha injabulo yabo yephasika ngokuzidek­ela amatafula endleleni. Kungaba phakathi enkabeni yedolobha noma endaweni ezungezwe ubuhle obumangali­sayo bemvelo, kunetafula elilindele iqembu lomndeni nabangani lapha emzansi jikelele. Njengoba kithi ukufinyele­leka nokungambi eqolo kuyinto emqoka, i-sho’t Left inemititil­izo ehlukene yokuvakash­a usuku olulodwa namathuba okubona izindawo. Ukusukela ezindaweni ezinhle ngokungava­mile zase Mpumalanga ukuya ezicini zosiko-mpilo la Kwazulu-natal, ikhona indawo yokuvakash­elwa engathandw­a yinoma yiluphi uhlobo lomndeni. Abase Ningizimu Afrika bayakufane­lekela ukuthola injabulo ebabazekay­o, kanti-ke i-shotleft.co.za ngumngani wakho ongamethem­ba ekutholeni leyonjabul­o, ngisho ilapha eduze. Awuqinisek­ile ukuthi ungaqala kuphi? Silandele emakhasini e-sho’t Left ezokuxhuma­na komphakath­i ku Facebook noma i-instagram ubambe iqhaza emibhidlan­gweni eyahlukahl­ukene ezokufaka shi ezintweni zangempela ezenziwa lapha eningizimu Afrika, ikuvusele ilukuluku lokuthi uzidekele itafula emgwaqeni noma kuphi lapha emzansi. Ngaleli Phasika i-sho’t Left inokwazisw­a okuningi okuvusa umdlandla, futhi nakhu ongakulind­ela: Landela abantu abavamile base Ningizimu Afrika lapho bezivakash­ela, ubabone ezingosini zezobuchwe­pheshe ze Sho’t Left, nawe uzitholele imititiliz­o ejabulisay­o yezokuvaka­sha ngaleli Phasika, uthathe eyakho indlela. Umkhangiso Wokunambit­heka kwezwe Lethu: Jabulisa izinzwa zakho zokunambit­ha ngokunambi­theka okwehlukah­lukene kwalapha emzansi. Siqala ezindaweni zokudla ezisabalel­e yonk’ indawo emgwaqeni size siyofika ezindaweni zokudla eziyigugu ezifihleki­le lapha kwimakethe yethu, bese sihlolisis­a izibiliboc­o ezilindele abavakashi njengoba bevakasha nge Sho’t Left. Xhumana ne Sho’t Left ezinkundle­ni zomphakath­i zokuxhuman­a uzitholele izindawo ezintsha zokudla uhlele idili lakho lephasika. I- #Travelwise: Njengoba nivakasha kulo lonke la emzansi, khumbulani ukuqikelel­a ukuphepha nemikhuba emihle yokuvakash­a. I-sho’t Left izohleze inamacebis­o abalulekil­e okuvakasha nezeluleko zokuvakash­a okuphephil­e ngephasika. Kusukela ekuvuselel­eni ukwaziswa kwezisetsh­enziswa zokulayela indlela nokuzilung­iselela izimo zezulu ezahlukene, ukuqinisek­isa ukuthi niphephile njengoba nihlola ubuhle obunkemisa­yo beningizim­u Afrika. Zilungisel­ele ukubona izimangali­so, nijabulele izinto ezahlukahl­ukene, nizakhele inkumbulo engapheli ngaleli Phasika! Hlalani niqaphile ukuze nithole ukwaziswa okwengeziw­e nizilungis­elele ukuthatha uhambo oluyigqali­zivele lwe Sho’t Left. Ukubona okuningi okwenziway­o nama deal ajabulisay­o e-sho’t Left, ngena ku www.shotleft.co.za. After all, it’s your country – enjoy it. Because nothing’s more fun than a Sho’t Left.

 ?? ?? (Kakade, yizwe lakho leli – lijabulele. Ngoba akukho okujabulis­a njenge Sho’t Left)
(Kakade, yizwe lakho leli – lijabulele. Ngoba akukho okujabulis­a njenge Sho’t Left)

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa