Isifo sofuba sisahamba phambili ngokubulala abantu abaningi
ISIFO sofuba sisalokhu sihamba phambili ngokubulala abantu abaningi kuleli nasemhlabeni
Lokhu kushiwo usolwazi Sizulu Moyo, womkhandlu owenza ucwaningo lwesayensi ethinta abantu, ihuman Science Research Council (HSRC), ngesikhathi kunesigcawu ebesiyizolo sokuchaza ngebanga eselihanjwe iningizimu Afrika ukuze iqede isifo sofuba ngo-2030.
Usolwazi Moyo, uthe imiphumela yango-2022 yocwaningo olubheka ukwelashwa kwalesi sifo nezinga lokusabalala kwaso ekhishwe nyakenye ikhomba ukuthi bangu54 000 abantu ababulawa yisifo sofuba ngonyaka kuleli, okusho ukuthi emizuzwini eyishumi kunomuntu obulawa isifo sofuba.
"Eningizimu
Afrika isibalo sabantu abanehiv abahaqwa ITB siphezulu. Isifo sofuba NEHIV kusondelene yize
ITB ihlasela nabantu abangenayo IHIV.
Usolwazi Violet
Chihota wesikhungo i-aurum Institute, uthe umbiko wango-2022, uveza ukuthi ukhona umehluko uma kubhekwa ukuthi eningizimu Afrika ukusabalala kwaleli gciwane kwehle ngo-11% ngo-2015 ngemuva kokuthi uhulumeni ehlanganise amasu okulwa netb NEHIV ngo2014.
Kusukela lapho izinga lokusabalala kwaso lilokhu lehla.
“Ngokubona kwethu lokhu kudalwa ukuthi iningi labantu abanehiv lidla imishanguzo,” kusho usolwazi Moyo.
Udkt Nkhensani Nkwashu, womkhandlu wengculazi,
ISA National Aids Council (SANAC), uthe amasu ka-2023 kuya ku-2028 kumele asize iningizimu Afrika ukuze ukwamukelwa kwabantu abahaqwe IHIV netb kusuke ku-85% wango-2022, kuye ku-95%, kwehle isibalo sabahaqwe isifo sofuba sisuke ku-56% wango2022 siye ku-36%, ukwelashwa ngempumelelo kwalesi sifo kusuke ku-78% wango-2022 kuye ku-90%.
"Okunye okungamele sikukhohlwe ukuthi kunezimo ezithile ezenza isimo sibe nzima okubalwa ububha, ukushoda kokudla okunempilo okumele kudliwe ngabantu abahaqekile. Ukwelashwa kwalesi sifo kungaba nemiphumela emihle kakhulu uma umphakathi ungabamba iqhaza elibonakalayo ezinhlelweni zokulwa naleli gciwane," kusho usolwazi Nkwashu.
Usolwazi Moyo, uthe zisekhona izinto eziyizingqinamba ekwelashweni kwalesi sifo njengokuthi kusenzima ukuhlonzwa kwezingane ezihaqwe yileli gciwane nokuthi imishanguzo emisha esetshenziswa isikhathi esifishane ehlolwayo ayizilungele izingane.