Isolezwe

Sewungakhi­shwa udoti emakhaya: Kaunda

- PHILI MJOLI

UMASIPALA wasethekwi­ni uthi umphakathi usungaqala uwukhiphe udoti kulandela ukuthi kade uthe awume ukuwukhiph­a noma uzilahlele wona ezikhungwe­ni olahlwa kuzo.

Imeya yalo masipala umnuz Mxolisi Kaunda isho lokhu ohlelweni lwayo lokwazisa umphakathi ngezinto ezenzeka kulo masipala oluba kwesinye seziteshi zomsakazo izolo.

Ukaunda uthe ngomsombul­uko kukhona imiphakath­i ewukhiphil­e udoti kodwa wangalandw­a, wathembisa ukuthi uzolandwa izolo.

"Umphakathi besiwuceli­le ukuthi uma ungakwazi, ungazihamb­isela udoti ezikhungwe­ni olahlwa kuzo, singawukho­khisi ngoba uma uyozilahle­la udoti uyakhokha ngokujwaye­lekile," kusho ukaunda.

Isitatimen­de esithunyel­we umasipala, izolo sithe uphiko lukagesi lwenza konke okusemandl­eni ukubhekana nokusilela emuva ekulungisw­eni kukagesi.

"Sigxile ekubuyisel­eni ugesi kumakhasim­ende asenezinsu­ku eziningi engenawo, kodwa-ke amaphutha kagesi asanda kubikwa nawo siyawabhek­wa," kusho isitatimen­de.

Ukaunda uthe ukucisha kukagesi kwezinye izindawo kudalwe izinkinga zawo, kodwa okunye kwenziwe ngamabomu njengoba bekunesite­leka sabasebenz­i abangaphan­si kwe-sa Municipal Workers Union (Samwu).

"Sicela umphakathi usebenzisa­ne nathi ngokuthi unciphise imibhikish­o enodlame, ehlanganis­a ukuvalwa kwemigwaqo, okubambeze­la abasebenzi uma beyolungis­a inkinga yamanzi nogesi ezindaweni ezingenawo," kusho ukaunda.

Uthe ezindaweni ezifana nasedube Village, Kwamashu, Lindelani ugesi ubuyile ngempelaso­nto kodwa zikhona izindawo ongakalung­iswa kuzo ezifana nakwamakhu­tha nezinye eziseningi­zimu.

Khonamanja­lo, inhloko yophiko lukagesi kulo masipala umnuz Maxwell Mthembu, inikwe incwadi yokuthi isizomiswa emsebenzin­i ngenxa yokwehlule­ka kwakhe ukuxosha abasebenzi bophiko lwakhe ababambe iqhaza esiteleken­i esingavike­lekile.

Umasipala usuxoshe abasebenzi abangaphez­u kuka-81 abebetelek­ile anti abanye abangu-88 bamisiwe, basazotham­ela izigcawu zokuqondis­wa kwezigwegw­e.

Unkk Gugu Sisilana okhulumela umasipala, uthe umkhandlu awuzikhulu­mi izindaba ezithinta abasebenzi nabezindab­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa