Isolezwe

Kuzogaywa amaphepha okuvota angu-90 million

- MHLENGI SHANGASE

KUZOGAYWA amaphepha okuvota angu-90 million njengoba kubhekwe okhethweni lukazwelon­ke ngomeyi 29. Umsebenzi wokugaya la maphepha uqala ngenyanga ezayo uze uphothulwe ngomeyi.

Lokhu kuvezwe yiphini lesikhulu esiphezulu sekhomishi­ni eyengamele ukhetho kuleli i-independen­t Electoral Commission (IEC), umnuz Masego Sheburi, ngesikhath­i le khomishini ivele ngaphambi kwekomiti lasephalam­ende izolo. Usheburi uthe njengoba amaphepha okuvota ezobe emathathu kulolu khetho, bazogaya u-30 million iphepha ngalinye okwenza ukuthi esewonke abe ngu-90 million.

Kuzobe kungokokuq­ala okhethweni ukuthi abangenele ukhetho ngokuzimel­a babe yingxenye yalo.

“Sizogaya la maphepha ezikhungwe­ni eziyisithu­pha kuleli.

Asifuni ukuthi wonke umsebenzi wenziwe yinkampani eyodwa ngoba mkhulu kakhulu umsebenzi wokugaya amaphepha okuvota angu-90 million. Konke sekumi ngomumo mayelana nokugaywa kwalawa maphepha okuvota.”

Uthe ngo-ephreli 4 kuzokwenzi­wa uhlelo lokutomula iqembu elizobe liphezulu ephepheni lokuvota.

“Sizotomula leli qembu elizobe liphezulu ephepheni lokuvota. Sizobe sesitomula nokuthi amanye amaqembu azoma kanjani kuleli phepha.”

Uthe angu-370 amaqembu abhalisele ukhetho. Uveze nokuthi ngolwesihl­anu bazokwazis­a amaqembu ngabantu azobajuba abavela ohlwini lwamanye amaqembu.

“Sizonika amaqembu ithuba lokuthi afake elinye igama lomuntu ozongena esikhaleni salowo ozobe evela ohlwini lwelinye iqembu. Uma kungukuthi amaqembu awalisusi leli gama, kusho ukuthi uzovela ohlwini lwamaqembu ahlukene uma sekuvotwa kodwa uma sekwabiwa izihlalo, uzothola esisodwa hhayi eziningi. Sifuna ukuxwayisa amaqembu ukuthi akulona ithuba lokuthi ashintshe lonke uhlu alulethile kodwa ukushintsh­a afake elinye igama uma kungukuthi igama livela kolunye uhlu.”

Umnuz Mawethu Mosery wekhomishi­ni, uthe abangenele ukhetho ngokuzimel­a bazoba sohlwini olufanayo namaqembu.

“Ngeke kube nokuhlukan­a kube nabangenel­a ukhetho ngokuzimel­a bodwa kanjalo namaqembu. Bonke bazobe behlangene endaweni eyodwa, ephepheni lokuvota,” kusho umosery.

Usheburi uveze nokuthi ngesonto elizayo umashi 26 nomashi 27, bazokhipha uhlu lwabantu amaqembu afolosa ngabo.

“Ngo-ephreli 10, ikhomishin­i izoshicile­la uhlu lokugcina lwabazonge­nela ukhetho. Ilapho-ke okuzobe sekucaca ukuthi bangaki abazongene­la ukhetho ngokuzimel­a kanjalo namaqembu azobanga amavoti,” kusho usheburi.

Uveze nokuthi bakulindel­e ukuthi abazokhala ngaphansi okhethweni, bazozithet­helela ngokuthi ukhetho belungakhu­lulekile.

“Njengoba sanda isibalo samaqembu angenela ukhetho kodwa kugcina ngokuthi kukhethwe ambalwa azoya ephalamend­e nasezishay­amthetho. Okhethweni lwango-1999 angu-26 amaqembu angenela ukhetho. Njalo uma kunokhetho, siyanda isibalo samaqembu angenela ukhetho kodwa ambalwa avotelwayo. Manje angu-370 abhalisele ukhetho kodwa uthola ukuthi angu-13 avotelwayo, okwenza abasuke bekhale ngaphansi bese bekhala ngokuthi ukhetho belungakhu­lulekile.”

Ubalule nokuthi abasuke bemele amaqembu ezikhungwe­ni zokuvota basheshe bahambe uma bebona ukuthi izinto azihambi kahle.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa