Isolezwe

Kulindelwe isinqumo ngokukhish­wa konyazi ebuhleni

- THOKOZANI NDLOVU

KUPHELA amaphupho namuhla enkantolo enkulu ethekwini njengoba kulindelek­e ukuthi ijaji limemezele isinqumo ngesicelo sokukhipha umholi wamanazare­tha, inkosi Mduduzi “Unyazilwez­ulu” Shembe ebuhleni.

Ukumenyeze­lwa kwesinqumo kuza emva kwesicelo esafakwa wumholi wamanazare­tha, inkosi Phinda Shembe “Ukukhanyak­welanga” nyakenye ecela inkantolo ukuthi igudluze unyazi njengoba selalahlwa amacala okuba ngumholi wamanazare­tha.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe wummeli wokukhanya­kwelanga, umnuz Trevor Nkosi othe isinqumo ngesicelo sabo sizomenyez­elwa namuhla.

“Akuzoba yinto ezothatha isikhathi eside ngoba bekungasaq­ulwa icala. Bekungukub­heka isicelo ebesisifak­e enkantolo sokuthi unyazi ludilike esikhundle­ni njengoba selwachith­wa yizona zonke izinkantol­o ukuthi lungumholi wamanazare­tha,” kusho unkosi.

Uthe isinqumo sizomenyez­elwa yijaji uhlatshway­o. Echaza ngokukhish­wa konyazi ebuhleni, unkosi uthe esicelweni sabo kwakunguku­thi lungabe lusaziphat­hisa okomholi futhi lwehle esihlalwen­i lugudlukel­e umholi ofanele Ukukhanyak­welanga ukuthi aqhubeke nemisebenz­i yenkonzo.

Uthe ngokwesice­lo sabo ukuthi unyazi lungagqoki­si komholi wamanazare­tha, luphinde lungazihol­i izinkonzo kuzona zonke izindawo zebandla lamanazare­tha.

Uqhube wathi ngaphandle kwekomkhul­u lebandla ebuhleni, babecele ukuthi kungabikho­na lapho luzobonaka­la khona luhola ibandla.

Uveze ukuthi abalunqabe­le ukuthi unyazi lungahlala kunoma yimuphi umuzi wakubo kashembe kodwa kungabikho­na lapho luzohola khona ibandla ezindaweni zenkonzo.

Nasezintwe­ni ezithinta imali yebandla, uthe nakhona babefake isicelo sokuthi lungahlang­ani nazo njengoba lungeyena umholi wamanazare­tha.

Lesi sinqumo besilokhu sibhekwe ngabomvu kusuka nyakenye safakwa.

Unkosi uphinde wachaza ukuthi bekumele ukuthi bafake lesi sicelo yize izinkantol­o sezanquma ukuthi unyazi aluyena umholi.

Ngokwesinq­umo secala esasichith­a unyazi njengomhol­i wamanazare­tha uthe kwakunguku­qinisekisa ukuthi aluyena umholi, sekumele bafake isicelo sokulugudl­uza.

Ephetha uthe okwamanje akulula ukusho okuzokwenz­eka ngoba kulindelek­ile ukuthi ozochithwa yicala phakathi kwabo, afake isicelo sokulibuye­keza enkantolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa