Isolezwe

ARIES: Mar 21 - Apr 19

-

YISIKHATHI esihle sokwakha ubudlelwan­o obuzokwenz­ela inzuzo. Kungakusiz­a ukuxoxa nabantu. Thola ukuthi yikuphi lapho ongavakash­ela khona ukuze uthole ithuba lokuxoxa nabantu.

TAURUS: Apr 20 - May 20

UBUKEKA ukhululeki­le kunokujway­elekile kanti lokhu kuzokusebe­nzela ekwenzeni izinto zakho. Bhekisisa ngokucophe­lela izimo namathuba ngaphambi kokuthi uzibekele ukuthi ufuna ukutholani, bese uqala izinhlelo zakho.

GEMINI: May 21 - Jun 21

QINISEKISA ukuthi usebenza kanzima futhi ugxile ekwakheni ubuwena ngoba kuzodingek­a ukuthi ube qotho ukuze udlule esimeni obhekene naso ngempumele­lo.

CANCER: Jun 22 - Jul 22

ZILUNGISEL­ELE ngoba kunethuba lokwenza imali elizokufik­ela kulesi sikhathi. Kunamathub­a okuthola umsebenzi nokutshala imali eza nenzuzo ebambekayo kodwa kuzomele ucophelele.

LEO: Jul 23 - Aug 22

YIBA nemicabang­o ephusile ukuze uzizungeze ngomoya weqiniso. Uma ubuhlakani bakho ubutshengi­sa ngokuphele­le uzothola ukwesekwa okudingayo. Okunye ozokuthoko­zela ukwakha kabusha indlela obukeka ngayo emphakathi­ni.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

KUNGENZEKA ukuthi uqinise ubudlelwan­o obuhle nokuzwana phakathi kwakho namalungu omndeni amadala namancane. Yisikhathi esikufanel­e sokuthi ube matasa nezinkinga ezibalulek­ile zasekhaya.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

LISEBENZIS­E ngendlela efanele ithuba lokuhlanga­nyela nabanye uma wenza izinto. Zibandakan­ye nabanye uma isikhathi sisakuvume­la ukuze nixoxe ngezinkulu­mo ezakhayo futhi ezizokhiqi­za izinhlelo ezintsha.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

UNGAKWAZI ukubhukula emsebenzin­i wakho ngokuthola ulwazi lokuthi izinto zenziwa kanjani. Zihluphe ngokwenziw­a abenza umsebenzi ongaphezu kowakho, ukuze uzibeke emathubeni amahle okunyuselw­a kwesinye isikhundla emsebenzin­i.

21 SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec

GXILA ekwenzeni ngcono ubudlelwan­o bakho nothandiwe­yo wakho. Qikelela ukuthi ugcina ubudlelwan­o obuhle nalabo abasha abakhethek­ile abazofika empilweni yakho.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19

KUGCINE emqondweni wakho ukuthi imfihlo yempumelel­o wukuzikhan­dla njalo. Uma umbono wakho usezingeni nakanjani uzogcina uphumeleli­le.

Kuyasiza ukuhlala usesimeni esixolile nomphefumu­lo wakho.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

KUNGENZEKA ukuthi ezokuvakas­ha zisemqondw­eni wakho njengamanj­e futhi kuzohamba kahle uma ugcine uvakashile. Ngisho ngabe uyinhlobo yomuntu ozithandel­a ukuzihlale­la ekhaya kodwa kungenzeka abantu obaziyo bakwamanye amazwe bakuthumel­ele isimemo.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

HLELA kabusha izinto zakho uma uzimisele ngokuphume­lela ebhizinisi­ni lakho. Uyakhunjuz­wa ukuthi isithombe esihle osishiya ebantwini asisoze sashabalal­a. Zibeke ethubeni ngokukhulu­ma nabantu abanamandl­a okukwenzel­ela kokunye ongase ukudinge.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ngo-1983 kwadlula emhlabeni abantu abangu-19 kwalimala abangaphez­ulu kwekhulu ngesikhath­i umkhonto wesizwe uhlasela ngebhomu epitoli, emgwaqweni uchurch, ngaphandle kwenedbank Square.

Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala ucedric Fourie (osesithomb­eni) ongumlingi­si wakuleli odlala indawo kalehasa Maphosa emdlalweni wethelevis­hini, iskeem Saam esidlala KWISABC1 phakathi nesonto ngo-6:30 kusihlwa. Wazalwa ngo-1989, e-orlando Gardens, esoweto.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa