Isolezwe

Udladla ukufanisa nokuqwala intaba ukubhekana nesundowns

- SITHEMBISO MKHIZE

UVUMA ukuthi abemancane kakhulu amathuba okuthi bashaye imamelodi Sundowns, usimo Dladla ongumqeqes­hi wemaritzbu­rg United ewashiswe ijezi ngamabrazi­lians ngo-2-0 kowenedban­k Cup Last 16 ngesonto.

Nakuba ekhuluma kanjena udladla kodwa kukhulu ukunconywa akutholayo ngokuyibam­ba ngqi isundowns, ekubeni bekulindel­we ukuthi izenzele kuleli qembu elidlala kwimotsepe Foundation Championsh­ip.

Amagoli isundowns enqobe ngawo, ashaywe uthembinko­si Lorch sewuyophel­a umdlalo. Emizuzwini yokuqala abafana bakadladla bebetsheng­isa ukungazihl­oniphi izitha zabo.

Lo mgqigqo omuhle ulinyazwe wukumiswa komdlalo ngenxa yezulu ebeliduma kabi futhi libaniza. Kuthe uma kubuywa kwashintsh­a ukudla epuletini.

Isundowns ibuye seyilenyus­ile izinga. Nokho iteam of Choice ikwazile ukuyivimba ingalithol­i igoli kwaze kwaba umzuzu ka-74 okungene ngalo elokuqala. Elesibili lingene esikhathin­i esengeziwe sikanompem­pe.

Ngemuva komdlalo, udladla ufanise umdlalo wesundowns njengobufa­na nokuqwala intaba.

"Angisho ukuthi besingeke siyishaye isundowns. Nakuba kunjalo, uma ubheka lapho ikhona, nathi lapho sikhona.

Noma ubheka izinto enazo, nathi esinazo uzobona ukuthi kumele sijabule ngendlela esidlale ngayo," kusho udladla.

Ujobelele ngokuthi uma kukhona okuhle obekumele bakuthole kulo mdlalo bekufanele kuqhamuke emizuzwini yokuqala engu-20. Kulo mdlalo, lo mqeqeshi wenze ushintsho lwabadlali abahlanu.

Ukholelwa ukuthi lo lushintsho lube nesandla ekuhlulwen­i kwabo.

"Uma udlala kodwa ibhola lingekho kuwena uphoqeleka ukufukuza kanzima. Senze ushintsho ngoba sifuna imilenze emisha nokuqhamuk­a namaqhinga amasha. Abadlali bacabanga ngokungafa­ni. Esikuqaphe­lile ukuthi ngesikhath­i sishintsha belehla izinga lethu lokudlala.

“Engingakus­ho nje, umthwalo bewungaphe­zu kwamandla ethu. Ukudideka emqondweni kwenze abadlali bethu bagcine belahla ibhola bemi ngabodwana. Angazi ngempela ukuthi bekwenzeka­ni emiqondwen­i yabo. Kubuhlungu kunjalo, ngijabule ngendlela abazinikel­e ngayo kulo mdlalo,“kuphetha umagabadel­i.

Uqhubeke ngkuthi bafunde lukhulu kulo mdlalo, kukhona azokwakhel­a phezu kwako endleleni abadlale ngayo. Baye kuwo bengangene­lwanga goli kwemine edlule, abebefuna kuqhubeke lokho.

“Nokho ukudlala neqembu elifana nesundowns kwenze kwanzima ukufeza le liphupho. Okuhle ukuthi kwiligi esidlala kuyo alikho iqembu elidlala njengesund­owns. Uma singamaka ngale ndlela emdlalweni olandelayo sizonqoba noma kanjani," kusho udladla.

Njengamanj­e icity of Choice isndaweni yeshumi kwilog, ngamaphuzu awu-26, emidlalwen­i ewu-21. Izoze idlale oweligi ngo-ephreli 3, ne-upington City, esugar Ray Xulu Stadium.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa