Isolezwe

ABELGBTQIA+ bathi iyize imikhankas­o yenyanga yofuba ethekwini

- THOKOZANI NDLOVU kodwa

ABENHLANGA­NO yabathanda­na nabobulili obufanayo Kwazulu-natal, ilesbian and Gay Community and Health Centre, bathi iyize imikhankas­o yabo yokugubha inyanga yesifo sofuba ababambise­ne kuyo nomnyango wezempilo ngenxa yokungcola kwetheku.

Usbo Khumalo omele le nhlangano Kwazulu-natal, uthe babona zizokwanda izibalo zabahlasel­we yisifo sofuba ngenxa yokungcola okusethekw­ini nezindawo ezilakhele ngenxa yesiteleka sakamuva.

“Akukhona ukuthi asizwelani nabasebenz­i bakamasipa­la wetheku abafuna izimfuno zabo. Inkinga wukuthi nomnyango wezempilo Kwazulu-natal awenzi okwanele ukulekelel­a ukuthi siqhube kahle imikhankas­o yokulwa nesifo sofuba njengoba umashi kuyinyanga yofuba.

“Ikhona imizamo abangayenz­a njengokukh­ipha amaphoyisa ukupheleze­la abaletha amanzi nabaqoqa udoti ezitaladin­i. Uma siqhuba le mikhankaso sigqugquze­la inhlanzeko ukuze kugwemeke isifo sofuba.

“Inkinga ukuthi uyigqugquz­ela kanjani inhlanzeko ube uqhuba umkhankaso endaweni engcolile?

“Kumanje kuxake nesifo sophenyane esidinga ukuthi kube nenhlanzek­o ukuze singabhebh­etheki,” kusho usbo.

Uthe kumanje balungisel­ela inational TB Day ezoba segoli ngomashi 24 kodwa bazofika khona bengayilun­gele njengoba imikhankas­o yakwazulun­atal iphazanyis­wa ukungcola okusethekw­ini.

Uveze ukuthi ngisho nesiqubulo salo nyaka semikhanka­so yesifo sofuba sithi: “Sithi mina nawe singasiqed­a isifo sofuba” babona kuyinto engelula ukwenzeka njengoba kugcole ngalolu hlobo ethekwini.

Uqhube wathi njengamanj­e akulula ukuthi bangakhulu­ma nomasipala wetheku njengoba inkinga kungabaseb­enzi bakhona abalwela izimfuno zabo, kodwa umnyango wezempilo kumele kube yiwona ongenelela­yo.

 ?? ?? USBO Khumalo welesbian and Gay Community Health Centre Kwazulu-natal, uthi imikhankas­o yesifo sofuba ayithi shu njengoba itheku lisangcole kanje
Isithombe: SITHUNYELW­E
USBO Khumalo welesbian and Gay Community Health Centre Kwazulu-natal, uthi imikhankas­o yesifo sofuba ayithi shu njengoba itheku lisangcole kanje Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa