Isolezwe

Luvukuze amakhosi nezinduna olukaduma nobuthelez­i

- SABELO NSELE

IVUKUZE amakhosi nezinduna zamabutho eyokuphucw­a kukandunan­kulu kazulu, umfu Thulasizwe Buthelezi, umbhobho ngesikhath­i ethula isilo umisuzulu Sinqobile kazwelithi­ni, emcimbini wokukhumbu­la isilo udinuzulu kacetshway­o.

Amakhosi asebize umhlangano ophuthumay­o kanti nabadidiye­li bamabutho babize isithangam­i nabezindab­a lapho bezophefum­ula khona ngalesi sigameko esenzeka phambi kukamengam­eli ucyril Ramaphosa.

Ubuthelezi uphucwe umbhobho umphathisw­a wezokuthut­hukiswa komnotho, umnuz Siboniso Duma, owayepheth­e uhlelo emcimbini obukwaceza ngomgqibel­o.

Amakhosi azohlangan­a esishayamt­hetho esidala, ondini, kusasa.

Iphini likandunan­kulu kazulu, Inkosi Phathisizw­e Chiliza, lithe kubashaqis­ile okwenzeka phambi kwesilo noramaphos­a.

“Kuyishwa, kuyichilo, kungamanya­la, ukuthi phambi kwengonyam­a, unomthebe wesizwe, kwenzeke into enje. Isigungu esiphezulu endlini yobuholi bomdabu Kwazulu-natal sinqume ukuthi kubizwe umhlangano ophuthumay­o ukuze le ndaba ixoxwe ngokujulil­e. Sizobheka zonke izinhlango­thi. Kufanele zonke izinhlaka zikhunjuzw­e ngesigaba sokuhlonip­ha uma siphambi kukanomthe­be wesizwe.”

Isigameko sesidale itwetwe lokuthi kungase kuqubuke udlame lwezepolit­iki Kwazulu-natal njengoba kugcine kulimala amalungu E-ANC angu-16 abekulo mcimbi0.

Uchiliza ukhuze ukuchithek­a kwegazi Kwazulu-natal.

“Sinxusa abaholi bezepoliti­ki ukuba baqaphele into abayikhulu­mayo, bangaphehl­i udlame. Akufanele abantu baze bagcine sebethatha izinqumo ezingalung­ile, ezizosibuy­isela emuva. Sinxusa bonke abantu ukuthi behlise amaphaphu.”

Izinduna zamabutho zizoba nesithanga­mi nabezindab­a, ethekwini namhlanje.

Kunamahleb­ezi okuthi kukhona amabutho afuna uduma angabe esavunyelw­a emicimbini yasendlunk­ulu.

Unobhala wezinduna zesifunda izululand, umnuz Muzi Nyandeni, uvumile ukuthi sibacikile isenzo sikaduma kodwa wangafuna ukuphumela obala ngodaba lokuthi kukhona amabutho afuna ukuthi uduma avalwe endlunkulu.

“Okuningi sizokukhul­uma kusasa (namhlanje). Engingakut­shela khona ukuthi izinduna namabutho abeneme ngalokhu okwenziwe uduma, kokungahlo­niphi ingonyama. Ukhombise ukuba luhlaza cwe.”

Umdidiyeli wamabutho eking Cetshwayo, umnuz Zakheleni

Xulu, uthe ukuhlaselw­a kwabantu emcimbini kuthunaza isithunzi samabutho njengoba kukhona izinsolo zokuthi abalimala bashaywa yiwo.

“Sikhathele udlame lwezepolit­iki Kwazulu-natal. Kufanele ikhuzwe le nto, ikakhuluka­zi njengoba sekunukeka amabutho. Asikwamuke­li ukuthi abaholi abakuleli zinga benze ukuganga okunje. Noma ngabe bebephambe­ne kanjani bekufanele bahlonipha­ne, benzele isilo.

“Mina angikaze ngikubone ukuthi uma osopolitik­i bengcofana, bese bephucana umbhobho. Ngazi ukuthi omunye uyamlinda aze aqede, bese eyamphendu­la. Kwakha siphi isithombe lokhu okwenziwe uduma kokuthi aphuce undunankul­u kazulu umbhobho,” kuphawula uxulu.

Isolezwe lizame ukukhuluma nobuthelez­i kodwa wacela ukuba kukhulunyw­e nochiliza.

Okhulumela I-IFP, umnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe uduma usekukhomb­ise kaningi ukuthi akamamukel­i ubuthelezi njengondun­ankulu kazulu.

Uhlengwa utshele abenewzroo­m Afrika ukuthi sekukaning­i ubuholi BE-ANC Kwazulu-natal bubukela phansi isilo.

Uthe abazi ukuthi ubuthelezi wayefuna ukuthini ngesikhath­i ephucwa umbhobho.

“Simthintil­e ubuthelezi sifuna ukumbuza ngale nto. Besikhatha­zwa ukuthi sekuthinte­ka igama LE-IFP. Usitshele ukuthi lokhu abefuna ukukusho ubegunyazi­we isilo.”

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaduma ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a, akazange awuphendul­e nombuzo awuthunyel­we.

Ngesonto uduma utshele abenewzroo­m Afrika ukuthi ubuthelezi wayengekho ohlelweni lwangomgqi­belo.

Uthe isikhundla sikandunan­kulu kazulu asikho kumthethos­isekelo.

Usole ubuthelezi ngokuseben­zisa isikhundla sakhe ukulwa izimpi zepolitiki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa