Isolezwe

Kuningi esisangakw­enza ukuvikela amalungelo abantu ezweni: Ramaphosa

- SABELO NSELE

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa uthi kuningi okusengenz­iwa ukuqinisek­isa ukuvikelwa kwamalunge­lo abantu baseningiz­imu Afrika.

Uramaphosa uthe yize kukuningi okwenziwe kule minyaka engu-30 eyedlule, lide ibanga okusafanel­e lihanjwe. Ukusho lokhu ngesikhath­i evula ingqungqut­hela ebibizelwe ukuzobhung­a udaba lwamalunge­lo abantu.

Uramaphosa uthe inkohlakal­o nokungahan­jiswa kwezidingo emphakathi­ni kuphazamis­a imizamo yokuvikela amalungelo abantu.“siyavuma ukuthi kuningi okusadinga ukwenziwa. Inkohlakal­o nokwehlule­ka komasipala ukuhambisa izidingo, kubukela phansi imizamo yokuvikela isithunzi sabantu bakuleli.

“Sonke sihlalelwe umsebenzi omkhulu wokuvikela amalungelo abantu. Abantu bakithi kufanele bathole zonke izidingo zabo. Yinde indlela esasihlale­le. Sineminyak­a engu-30 sathola inkululeko, nesayithol­a emva kweminyaka eminingi siphila ngaphansi kohulumeni wobandlulu­lo,” kusho uramaphosa.

Uthe eminyakeni engu-30 eyedlule kuningi okwenziwe ukuvikela amalungelo abantu nesithunzi sabo kuleli zwe.

Eminyakeni eyedlule uthe sasaziwa njengezwe elicindeze­la abantu kodwa manje saziwa ngokuhloni­pha amalungelo abo. Kufanele siziqhenye ngebanga eselihanji­we.

Uqhubeke ngokuthi ngaphansi kukahulume­ni wentando yeningi kushaywe imithetho eminingi ethuthukis­a abesifazan­e.

“Namhlanje baningi abesifazan­e abaphethe izikhundla eziphezulu kuhulumeni nasezinkam­panini ezizimele. Ngesikhath­i sikahulume­ni wobandlulu­lo abesifazan­e babecindez­elekile kakhulu. Miningi imithetho esiyishayi­le evikela abesifazan­e nezingane odlameni lwezobulil­i,” kusho umengameli.

Udalule nokuthi ingxenye enkulu yesabeloma­li sikahulume­ni iya ekuvikelen­i amalungelo abantu. Uthe baningi abantu manje asebethola ithuba lokufunda, abakwazi nokusebenz­isa imitholamp­ilo, ezikoleni kutholakal­a ukudla, futhi baningi abantu abathola izibonelel­o.

Uyivumile eyokuthi izibonelel­o azanele, abantu badinga imisebenzi, uthe bayazama ukudala amathuba emisebenzi.

Uthe isinqumo abasithath­a sokweseka abantu basepalest­ine ngesikhath­i kusuka impi egaza ngoba bayazi ukuthi kunzima kangakanan­i ukuphila ngaphansi kukahulume­ni wengcindez­elo.

Elakuleli lamangalel­a elakwa-israel enkantolo yamacala amazwe omhlaba, liyisola ngokusocon­ga abantu basepalest­ine kule mpi esidlule nemiphefum­ulo engaphezu kuka-30 000.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa