Isolezwe

Sifela umbango wamatekisi - osolwa kwelika-aka

- ZIMBILI VILAKAZI

UMCULI kamaskandi ophinde abe ngusomatek­isi ongumsolwa wesibili ecaleni lokubulawa komrepha ukiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe utebello “Tibz” Motsoane usole amaphoyisa ngokuchema nomndeni abasembang­weni nawo embonini yamatekisi.

Ulindani Zenzele Ndimande (36) odume ngelikashi­selansimbi kumaskandi efaka isicelo sakhe sebheyili enkantolol­o yemantshi ethekwini izolo, ngesitatim­ende esifungelw­e esifundwe ummeli wakhe, u-advocate Joe Wolmarans, kuvele ukuthi useke wagwetshwa iminyaka engu-10 ngecala lokubamba inkunzi esebenzisa isihluku. Uveze nokuthi umndeni wakhe ugxile kakhulu embonini yamatekisi, yena unawakhe amatekisi amane, amngenisel­a u-r250 000 ngenyanga. Ubuye waveza ukuthi ngenxa yombango werenki yamatekisi asemalukaz­i nomndeni wakwagumed­e, uselahleke­lwe amalungu omndeni ayisithuph­a, edutshulwa wuphiko lwamaphoyi­sa inational Interventi­on Unit (NIU).

“Lolu phiko lumi ngasohlang­othini lomndeni esingabhek­ani nawo,” kusho isitatimen­de sikandiman­de.

Udalule ukuthi ngenxa yale mpi, izelamani zakubo ezimbili, nazo ezithintek­ayo kuleli cala, zaphoqelek­a ukuthi ziyobhaca eswatini.

“Zazibaleke­la INIU, eyayifuna ukuzisocon­ga,” kusho isitatimen­de.

Lesi sitatimend­e siveze ukuthi unengoduso ayithembis­e umshado kanti ulungisele­la ukushada, waveza nokuthi unezingane ezineminya­ka ephakathi kowodwa nengu-15. Uthe izingane zakhe, umndeni wakhe nebhizinis­i lakhe lamatekisi, konke kubheke yena, yikho efuna ukukhishwa ngebheyili. Undimande ufake isicelo sebheyili emuva kwesomsolw­a wokuqala nowesithat­hu ngolwesine olwedlule. Sekubuywa ekhefini lesikhasha­na, kuqubuke inkulumo-mpikiswano phakathi kukamshush­isi wombuso, u-advocate Lawrence Gcaba nowolmaran­s, kubangwa amaphepha anohlu lwamacala ezelamani zakwandima­nde eziboshwe eswatini, nazo ezisolwa kuleli cala. Ngesikhath­i uwolmarans esezofunda isitatimen­de esifungelw­e somsolwa wesine, umnuz Mziwethemb­a Gwabini, ugcaba uqale waveza ukuthi akaqondi ukuthi ukuxhumana kwakhe nommeli, unksz Yolanda

Gielink, omele ummangalel­wa wesithathu, ngama-email kugcine kufinyelel­a kanjani kwabanye abameli.

“Ngithole ukuthi amaemail ami aseyingxen­ye yesicelo sikamsolwa wesine.

Bengingaba­fakanga laba bameli ngesizathu ezithize, kungimanga­zile uma sengibona ama-email ami eseyingxen­ye yesicelo sikammanga­lelwa wesine,” kusho ugcaba.

Mayelana nalokhu, uwolmarans uthe emva kwesikhalo sikagcaba, bagcine beyisusa ingxenye ugcaba abekhala ngokuthi ifinyelele kanjani kubona. Ugcaba uphinde wezwakalis­a ukungenami ngokuthola ukuthi esicelweni sikagwabin­i sebheyili siqukethe uhlu lwamacala ezelamani zakwandima­nde ezihamba icala enkantolo yakwamanzi­ni, eswatini.

“Ngimangazw­a ukuthi amaphepha enkantolo yakwelinye izwe, afike kanjani kwelinye izwe,” kusho ugcaba.

Uthe okubuye kudide kakhulu ukuthi leli phepha liphinde libe namanothi abhalwe ngesandla.

“Sizokwazi ngani ukuthi leli phepha kuseyilo elahanjisw­a enkantolo yakuleliya lizwe?” kubuza ugcaba, ongeze ngelithi uyafisa ukwazi ukuthi ubani obhale amanothi.

Imantshi, umnuz Vincent Hlatshwayo, ithe aliguqe icala liqhubeke namuhla ngenxa yokuthi amanzi awekho enkantolo, nokho yakhala ngokuthi sekuwusuku lwesibili abameli bekhombisa ukuthi abazihlele­le ngokwanele njengoba befaka isicelo sebheyili sabasolwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa