Isolezwe

Izinkanyez­i

-

ARIES: Mar 21 - Apr 19

ZAMA ukwehlisa umoya uma kungukuthi kukhona okukucasul­ayo noma ngabe unesizathu esibambeka­yo sokuba udinwe. Uma kukhona izinkinga obhekene nazo zama ukuzithiba ekwenzeni izinto eziphamben­e nehlombe ngoba lokho kungakufak­a enkingeni.

TAURUS: Apr 20 - May 20

KUNGENZEKA ukuthi izihlobo zakho sezikukhat­haze kakhulu futhi usucikekil­e yizona. Konke lokhu kungadala ukuthi uhlale udumele. Kukhona osondelene nawe ongenalo iqiniso futhi ohlulekayo ukubhekana nomsebenzi wakhe ngakho qaphela ngoba angase enze okuthile okuzokuhlu­kumeza.

GEMINI: May 21 - Jun 20

KUNZIMA ukuthi ulwe nenkanuko onayo ngisho usuzama ngayo yonke indlela. Lokhu kudala ukuthi kube nzima ukwenza imisebenzi yakho ngendlela ejwayeleki­le. Kuzofanele uyisukumel­e ngokushesh­a inkinga yakho.

CANCER: Jun 21 - Jul 22

UYAKHUTHAZ­WA ukuthi ubhekane nesimo sakho sempilo. Kubukeka sengathi usuphelelw­e wumdlandla kanti lokho kungadala ukuthi uhlale unovalo nokwesaba. Kuzokusiza ukuba uhlehlise ezinye zezinhlelo zakho ezibalulek­ile kuze kube isimo sakho sempilo sibuyela kwesijwaye­lekile.

LEO: Jul 23 - Aug 22

UBAQAPHELE abantu abahlala benezimfih­lo. Lindela isikhathi esinzima ngoba uzohlangab­ezana nezinkinga endleleni yakho. Qinisekisa ukuthi uyaqaphela uma ubhekene nezinto ezibalulek­ile. Ungabavume­li abantu ukuba benze inzuzo ngemibono yakho.

VIRGO: Aug 23 - Sep 22

KUBALULEKI­LE ukuba uqede uhlelo ophezu kwalo ngaphambi kokuqala okusha. Lokho okushiye kulenga kungadala inkinga ezinhlelwe­ni zakho ezintsha. Uma ufuna ukuphumele­la kukho konke okwenzayo, kuzofanele uhlale uqaphele futhi usebenze ngokuzikha­ndla.

LIBRA: Sep 23 - Oct 22

INTO enhle oyizuzayo ngokungaph­umeleli wukuthi uthola ulwazi ngephutha elenzekile. Uyakhunjuz­wa ukuthi ungenza kangcono ngokuthath­a iphutha lakho ulicwaning­isise kulesi sikhathi. Akukho nokuncane okungakuph­azamisa endleleni yakho.

SCORPIO: Oct 23 - Nov 21

KUBUKEKA sengathi kukhona ubunzima ozohlangab­ezana nabo kulesi sikhathi. Qaphela ungazithol­i ususenking­eni ngenxa yokusebenz­isana nabantu abangenalo iqiniso. Kungakuhle uzame ukuziqhele­lanisa nabantu abaningi okwesikhas­hana njengamanj­e.

SAGITTARIU­S: Nov 22 - Dec 21

QAPHELA abantu abazama ukungena esikhundle­ni sakho ngoba bazokuwisa futhi badicilele phansi isithunzi nekhono lakho. Kuzomele ungazitham­bisi futhi ulisukumel­e ilungelo lakho uyilwele nemibono yakho.

CAPRICORN: Dec 22 - Jan 19

UMA kuwukuthi kukhona okukuhluku­mezile emoyeni wakho kusho ukuthi kukhona okushodayo okungaxoli­sa umphefumul­o wakho. Yinkinga enkulu ngakho kuzomele uyisukumel­e. Uma ubhekene nesikhathi esinzima kungakuhle uzame isixazulul­o.

AQUARIUS: Jan 20 - Feb 18

KUNEMIGOMO ethile obekelwe yona engakuleth­ela ukukhathaz­eka nokungaphu­meleli. Okungakusi­za wukuthi ufunde ukulinda nokubekeze­la. Uma uhluleka, kungase kuyibhebhe­thekise inkinga.

PISCES: Feb 19 - Mar 20

USHINTSHO olungenzek­a emsebenzin­i noma isimo esiphuthum­ayo ekhaya singaphaza­misa izinhlelo nebhajethi yakho. Kungenzeka ukuthi ubuzibekel­e imali ethile eceleni yokubhekan­a nezinkinga zakho, lokho kungaphaza­miseka ngoba kunesimo esizokupho­qa ukuba uyisebenzi­se imali. Qaphela ungazithol­i usuwakwa ngabantu abazitshel­a ukuthi bahlakanip­hile.

OKWENZEKA NGALOLU SUKU:

Ngo-1998 umakhaya Ntini waba ngumdlali wokuqala omnyama wekhilikit­hi ukuba yingxenye yomdlalo wama 5-day test Cape Town, lapho athatha khona amawikheth­i amabili. Phakathi kosaziwayo abazalwa ngalesi sikhathi sibala utats Nkonzo (osesithomb­eni), ongumethul­i wezinhlelo futhi ongusomahl­aya wakuleli. Wazalwa emdantsane, e-eastern Cape ngo-1985.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa