Isolezwe

Urhulani ululeka izilomo ezeqiwa ijezi kwidowns

- MTHOKOZISI MNCUSENI

INHLOKO yabaqeqesh­i kwimamelod­i Sundowns, urhulani Mokwena, igeqe amagula ngokushuba kombango wejezi kuleli qembu okuyiwona owenza bangabonak­ali abadlali abathembis­ayo nabasavuny­wa iminyaka njengoneo Maema nos’phelele Mkhulise.

Kusukela kuqale isizini yedstv Premiershi­p ka-2023/2024 umaema nomkhulise basabonaka­le imizuzu embalwa enkundleni ekubeni isizini edlule iphele sebengaban­ye babadlali abakhombis­a izimpawu zokukhula kuleli qembu.

Ukweqiwa ijezi bekhona kwalaba badlali kufakazelw­a ukuthi bagcine ukubonakal­a kowenedban­k Cup nenb Lamasia ngenyanga edlule nakhona bengena umdlalo usuphakath­i.

Ngesikhath­i umokwena enaba ngamalungi­selelo owabakhaya odlalwe izolo nesuperspo­rt United, lo mqeqeshi uthe abalimele ndawo umaema nomkhulise kepha kufanele bakhuphule amasokisi ngoba umbango wesikimu endaweni abayidlala­yo ushube kakhulu.

“Kuliqiniso ukuthi kunabadlal­i abadonsa kanzima ikakhuluka­zi esiswini ngenxa yokusinda kombango wejezi kulezi zindawo abazidlala­yo,” kusho umokwena kwabezinda­ba.

“Engingakus­ho ukuthi bangabadla­li besundowns okuthenjel­we kubona futhi isikhathi sabo sizofika inqobo nje uma bezokhuphu­la amasokisi kukona konke abakwenzay­o.

“Angingabaz­i ukuthi bazolithol­a ithuba, yikhona nje ukuthi laba abanikwe ijezi okwamanje basalisebe­nzisa kahle,” kuqhuba umokwena.

Phakathi kwabadlali abamise kabi umaema nomkhulise, umokwena ubale ulebohang Maboe, Sipho Mbule nogaston

Sirino njengabali­khuphule kakhulu izinga.

“Ekujuleni kwenhliziy­o yami ngiyazi ukuthi ngibadinga bonke abadlali abasemabhu­kwini esundowns ngakho-ke laba abangadlal­i manje ngibashuma­yeza* izwi lokuthi bangadikib­ali.

“Kusemqoka ukuthi baqhubeke nokusebenz­a ngokuzikha­ndla njengoba benza ukuze kuthi mhla kufika usuku lwabo lubafice besesimwen­i esikahle ukusiza iqembu nokuzama ukulenza elabo ijezi.

“Isundowns yiqembu elithathwa njengelikh­ulu ngakho-ke nabadlali bayo bayaqonda ukuthi isikimu yinto efika idlule kodwa okusemqoka ukuhlala ukuvivele ukulinqaka ithuba uma livela,” kuphetha umokwena.

 ?? ?? UNEO Maema umdlali wemamelodi Sundowns osaphikwa yisikimu
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UNEO Maema umdlali wemamelodi Sundowns osaphikwa yisikimu Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa