Isolezwe

Ulaka lwepsl lushaye iphakethe kwawasekzn

- MTHOKOZISI MNCUSENI

AMAQEMBU amabili Kwazulunat­al, Amazulu FC nerichards Bay

FC, aziqhathe nolaka lwepremier Soccer League (PSL) ewashaye ephakethen­i kulandela ukulahlwa kwawo amacala okucwasa abesolwa ngawo.

Uzola Majavu ongumshush­isi WEPSL uyena oqinisekis­a ukuhlakazw­a kosuthu nebay kulandela ukuvela kwabo ekomitini lale nhlangano eliqondisa ubugwegwe ngasekuqal­eni kwesonto.

Usmanga Mchunu osebenza Osuthwini ubesolwa ngecala elithinta izinkulumo zakhe ezichazwe njengezilu­melayo kodwa futhi ebezinokuc­wasa ngokobuzwe nangokobul­ili abezibheki­se esikhulwin­i sesifazane se-orlando Pirates.

Ngesikhath­i esifanayo, le nhlangano eyengamele ibhola elikhokhel­ayo kuleli, ilahle ngecala usihlalo webay, usifiso Biyela, kulandela izinkulumo ebezingakh­ombisi ukuthi ungumuntu wezemidlal­o ebhekise esikhulwin­i seroyal AM, urichard Makhoba.

Nakuba kuqale kwadonsisw­ana ngokusho kukamajavu, umchunu nobiyela bagcine bebuyela nganeno, bawavuma bobabili ngokwahluk­ana amacala abebesolwa ngawo.

Umchunu uhlawulisw­e ukumiswa emsebenzin­i izinyanga ezintathu ngesikhath­i esifanayo abaqashi bakhe, usuthu bayalezwa ukuba bathathe bonke abasebenzi babo ophikweni lwezokuxhu­mana nakwezokup­hepha babayise lapho bezofundis­wa khona ngokuba nesineke uma kuziwa kwezinye izinhlanga nangendlel­a yokuphatha abesifazan­e.

Umchunu uphinde wayalezwa ukuba axolise esidlangal­aleni kulesi sikhulu sesifazane sepirates okuyinto asevele uyenzile ngokusbo kukamajavu nalesi sikhulu salwamukel­a uxolo.

Ngokusho kukamajavu, usuthu ngeke luhlawulis­we imali ngoba vele kuzodinga imali ukwenza lokhu oluyalezwe IPSL ukuthi lukwenze ngabaseben­zi balo.

Kwelikabiy­ela icala,

IPSL imhlakaze ur100 000 kodwa kwalengisw­a uhhafu wakhona ngesivumel­wano sokuthi lesi sikhulu ngeke sitholakal­e ephutheni elifanayo eminyakeni emibili ezayo.

Inatal Rich Boys iphinde yalahlwa icala lokuhlulek­a ukulawula abalandeli bayo yahlawulis­wa u-r200 000 nakhona uhhafu walengiswa ngesivumel­wano sokuthi leli qembu ngeke livelele icala elifanayo ekomidini eliqondisa ubugwegwe kuze kuphele iminyaka emibili kusukela manje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa