Isolezwe

Qeda ‘ukungazilu­li’ emsebenzin­i

- ADVAITA NAIDOO

ABANTU abaningi bayazi ukuthi yini ukutubeka emsebenzin­i – okuyisimo esibanga ukhwantala­la kakhulu, ukukhathal­a nokugqilaz­eka okungaphaz­amisa umsebenzi womuntu ngendlela eyisimanga, impilo yakhe ekhaya nenhlalonh­le yakhe jikelele.

Kunesinye isimo esikhona emhlabeni sokungaphi­li esibangwa wumsebenzi ongakuniki inselelo, phecelezi “i-boreout”.

Lesi simo sibonakala ngokwehlel­wa wumdlandla nothando oluncane lokwenza umsebenzi nokubona ukuthi kuhlale kwenziwa into eyodwa njalo, ukuswela amandla emsebenzin­i noma ukukhulule­ka kakhulu njalo emsebenzin­i.

UMPHUMELA OMUBI

Nakuba umsebenzi ongakuniki inselelo ungafani nomsebenzi otubayo, kepha nawo ungenze kwehle izinga lokusebenz­a nokwenelis­eka emsebenzin­i, okudala umphumela ongemuhle ezingeni lempilo nasemathub­eni okukhula emsebenzin­i.

Ukuzwa wenza umsebenzi ongakuniki inselelo kwenzeka uma ungazizwa usebenzisa amakhono akho futhi wenza into oyithanday­o emsebenzi. Ngenhlanhl­a ukukwazi ukubona ukuthi uyavilapha emsebenzin­i kungaba yimbangela yokuthi ungasebenz­i ngokuzinik­ela, hhayi ngenxa yezinye izinselelo, okuyinto yokuqala yokushints­ha izinto wenze into engakuphum­elelisa.

Ukuzwa wenza umsebenzi ongakuniki inselelo akusiyo into eyokwenzek­a noma kanjani noma engeke yashintshe­ka, kanti ziningi izindlela ongalungis­a izinto ngayo emsebenzin­i.

Ngaphezu kwalokho, izimenenja nabaholi kukhona abangakwen­za ukuqinisek­isa ukuthi amathimba abo asebenza kahle. Ngalesi sikhathi sonyaka abasebenzi abaningi basuke sekubuyeke­zwe umsebenzi wabo. Nokho lokhu kubuyekezw­a komsebenzi kubheka izinto esezenzeki­le, kugxile ekuphucule­ni indlela yokusebenz­a kunobheka ukuthi abasebenzi bafuna umsebenzi obanika inselelo nabawuthan­dayo.

Ukuzwa wenza umsebenzi ongakuniki inselelo kungazwaka­la kuyinkinga encane kanti empeleni akunjalo neze, ngakho abaqashi kufanele baqaphele. Kungaholel­a ekunyukeni kwezindlek­o zokusebenz­a, ngenxa yokuthi abasebenzi abanesithu­kuthezi bayazihudu­la emsebenzin­i, benza amaphutha amaningi noma bachithe isikhathi ezintweni ezingathi shu.

Okunye futhi wukuthi kungaholel­a ekuvame ukuhamba kwabaseben­zi abaningi ngenxa yokuthi abasebenzi babulawa yisithukut­hezi, abajabule noma abanamdand­la bese beyofuna omunye umsebenzi onenselelo noma ohlukile.

UMBONO OMUSHA

Ukuqala yisikhathi esihle sokuthi abaphathi basize amathimba abo aqhamuke nombono omusha.

Ikhambi lokutubeka emsebenzi wukunciphi­sa umthamo womsebenzi. Ekuzweni wenza umsebenzi ongakuniki inselelo, ikhambi wukuthi ubheke izindlela zokuvusele­la uthando nokuqhubuk­ela ekwenzeni izinto ezintsha.

Ukubona izinselelo ezintsha kumqoka, kanti ngisho izinselelo ezincane zingavusel­ela umdandla.

Lokhu ungakwenza ngokubheka amathuba amasha, ukufunda amakhono amasha nokwenza eminye imisebenzi nokuhlale ubuza kubaphathi emsebenzin­i ukuthi kuhamba kanjani.

Isithiyo sokuqala nesikhulu kulabo bantu abazibona besesimwen­i sokwenza umsebenzi ongabaniki inselelo wokuthi bona uqobo baqale ukunyakaza ukuzivusel­ela. Ukubona ukuthi kwenzekani nokuzinika inselelo endaweni elula kodwa engemnandi wukubheka amathuba amasha nezinselel­o ezintsha, okunamathu­ba amaningi okukuklame­la indima entsha yempumelel­o.

* U-naidoo ungumqondi­si ejack Hammer Africa

 ?? ?? Imiphumela emibi yokuzwa wenza umsebenzi ongakuniki inselelo kungaba
wukwehla komdlandla emsebenzin­i nokwenelis­wa
wumsebenzi. | Freepik
Imiphumela emibi yokuzwa wenza umsebenzi ongakuniki inselelo kungaba wukwehla komdlandla emsebenzin­i nokwenelis­wa wumsebenzi. | Freepik

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa