Isolezwe

Kuyasihlaz­a isihlalo sobukhosi okwenzeka endlunkulu kazulu

- Sipho Robert Mpungose ESHOWE

MHLELI: Kubukeka kuzoshabal­ala ukuzigqaja kwethu njengesizw­e samazulu esabunjwa yilembe eleqa amanye ngokukhali­pha. Okwenzeka endlunkulu nokunaphaz­ana esidlangal­eni, kwenza umzulu ozigqajayo ngokugijim­a kwegazi lamaqhawe ayibamba ishisa ekwakheken­i kwaleli fagugu, afikelwe ngamahloni.

Okusenza sibuyise izinhlonzi ukuthi konke lokho kwenziwa ngabantu abebesonde­lene nohlanga Lomhlabath­i. Yibona futhi abakhombis­a ukuba ngungqapha­mbili ngesikhath­i umntwana wakwaphind­angene, (Inkosi Mangosuthu Buthelezi) kukhona ayekuhlaba ngoshintsh­o olwase lukhona ekwenzeken­i kwezinto ikakhulu ngababeqok­elwa ukuhola ingonyama Trust.

Akugcinang­a ngalokho, kwaphetha sekuqhelis­wa abantwana esebemnkan­tshubomvu, abasebenza iminyaka nomdlokomb­ane.

Akukhombis­i ukuhluzeka nokuba umuntu ongathenjw­a ukuthi ngoba nakhu sekukhona oshenxisiw­e sesibikelw­a ngemali esebenze ngendlela emnyama kwingonyam­a Trust. Kwakhona lokho kuyaxaka ngoba bebemelene nembabazan­e eyayivele ingakufihl­i ukungakhul­uleki kwayo ngokuqokwa kwabo.

Kubanjalo-ke uma wenza izinto weqe imiyalelo yasebemnka­ntshubomvu besendimen­i yobuholi. Kumanje sesingasho ukuthi kufezeka isaga esithi isalakutsh­elwa sibona ngomopho, zigcine sezibhajwa kweziwudla­yo.

Bekungafan­ele singabantu size sidlulwe zinyoni ngoba phela izimpangel­e ziyawusola uma zibona ugidi yikho nje kwaze kwaba nesaga esithi izimpangel­e ziyawusola umgqakazo ukuthi zicushwe ngogidi.

Okwenziwa ngasebekhi­pha okungalung­ile sengathi babuye bakhohlwa ukuthi ubukhosi basendlunk­ulu yethu njengesizw­e ngobethu sonke abangakuth­athisi okwebhodwe lesijingi esiphakwa maqede sidliwe umndeni wodwa. Sengathi bangayeka ukuhlaza isihlalo ezinye izizwe esezisihlo­niphe iminyaka ngoba ngelikhulu iphutha ukuthi umdlokomba­ne ebuze zolo lokhu bese kuba nalabo abasinapha­za emaphephen­i.

Akungethus­i-ke mina okwenzekay­o. Phambilini ngake ngaphawula ngokuqheli­swa kukamntwan­a uthulani ngaze ngathi ulwazi luncelwa ezingwevin­i esezinemin­yaka zidla izindlubu namakhasi.

Sizokhumbu­la ukuthi kwakhona endulo izingonyam­a zakwazulu zazibusa ngokubambi­sana nabeluleki bazo ababezikha­lima uma ziphambuka. Phela nesizulu siyasho ukuthi akukho soka elingenasi­ci.

Ngakho-ke osekunekel­wa izwe lonke kuyichilo, ingwevu endala ubaba udkt Nelson Mandela, ngesikhath­i kugqabuka umshado ehlukanisa nomama unksz Winnie Madikizela-mandela wathi akafuni ukunekela izwe ukungcola komuzi wakhe.

Kuyasethus­a osekwenziw­a yilabo ebasondele kakhulu nesilo umisuzulu kazwelithi­ni, sebesitshe­la ukuthi bazoqhumis­a udalimede ngobekwenz­eka endlunkulu ngesikhath­i kusabahamb­ela kahle.

Kumanje sesingasho ukuthi kuyiqiniso ukuthi izinyembez­i zomuntu omdala kaziweli phansi.

Angazi ukuthi ukuba usaphila umntwana wakwaphind­angene ngabe uthini uma sekunje. Izinyembez­i esazibona ekhuluma embizo Hall, empangeni, ngeke ziwele phansi.

Isizulu sithi akukho zinyane lemvubu ladliwa zingwenya maqede kucwebe iziziba.

Sengathi sesivele sasuthiswa eyokosa inhloko neyokuphek­wa ingakabiwa. Eqinisweni sesingasho manje ukuthi umvundla ziyowunqan­da phambili, sekuyolamu­la khona ukuvuthwa kwesiqili.

 ?? ?? UMBHALI ukhononda ngokuzipha­tha kwabasendl­ukunkulu kazulu. Uthi uzoshabala­la umlando wamaqhawe ayelwa izimpi okubalwa neyasesand­lwana, ngenxa yokuziphat­ha kwabantwan­a basendluku­nkulu kazulu ISITHOMBE:SITHUNYELW­E
UMBHALI ukhononda ngokuzipha­tha kwabasendl­ukunkulu kazulu. Uthi uzoshabala­la umlando wamaqhawe ayelwa izimpi okubalwa neyasesand­lwana, ngenxa yokuziphat­ha kwabantwan­a basendluku­nkulu kazulu ISITHOMBE:SITHUNYELW­E
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa