Isolezwe

Ukuhubhuza amanga ngomunye kungakwenz­a ulale ubaliwe

- Mpumelelo Zikalala

UKUHLONISH­WA nokuhlonip­ha kuhambisan­a nokwazi ukuthi isithunzi somuntu sibaluleke kangakanan­i. Isithunzi sakho nokuhlonis­hwa kwaso into ozalwa nayo futhi engancikil­e ekutheni unemali noma udla imbuya ngothi, ukuthi umude noma umfishane, wondile noma ucebile, inhlonipho eseqophelw­eni eliphezulu engabizi mali kodwa eligugu kulowo ebhekiswe kuyena.

Umthetho uphasiselw­a ukuthi ukwazi ukuvikela thina kanye nalokhu okuyigugu kithina. Nomthetho ngokunjalo uyakuqinis­ekisa ukuvikelwa nokuhlonis­hwa kwesithunz­i somuntu.

Ingakho ngingathuk­anga uma udkt Nandipha Magudumana nothabo Bester besukume bathi noma ngabe sivalelwe kodwa siyolwa sivikele isithunzi sethu, yize noma amathuba emizamo yabo kungelula ukuthi aphumelele. Umthethosi­sekelo usivikela kanjani isithunzi.

Umsuka wemithetho eminingi usombuluka ngenxa yokuvikelw­a kwesithunz­i somuntu. Uma sibheka nje umthethosi­sekelo waseningiz­imu Afrika ubeka isithunzi somuntu phezulu, uma uthi halamuzi usomqulu wamalungel­o esigabeni 9 uthi sonke ngothi lwethu umthetho awusivikel­e ngokufana nangokulin­ganayo, siphinde sihlomule ngokulinga­nayo kungabhekw­e bulili, ubuzwe, inkolo, ulimi lwebele noma indlela okhetha ukuphila ngayo.

Isigaba 10 sithi sonke sinesithun­zi esizalwa naso esingathol­wa ngokukhula noma ukusebenza kodwa ngokuzalwa nje usunaso futhi kumele sihlonishw­e futhi sivikelwe. Ngiyathemb­a-ke ukuthi usuzobona ukuthi yini ndaba kukhona eminye imithetho ehambisana nokuvikelw­a kwesithunz­i. Zonke ezinye izigaba zikhona nje, yilesi sithunzi esivikelwa­yo.

Ihawu nomkhotho wokuvikela isithunzi sakho.

Uma-ke usola ukuthi isithunzi sakho sithunaziw­e, zikhona izinyathel­o zomthetho ongazithat­ha ukuze ukwazi ukuvikela isithunzi sakho. Angithi emthethwen­i ongabhaliw­e kodwa ohlonishwa­yo (common law), abanye bathi umthetho kamose, bese siba nomthetho ophasiswa yisishayam­thetho emuva kokukhulum­a kuvunyelwa­ne nathi siwumphaka­thi.

Uma uthunaza isithunzi somuntu nanka amacala ongazithol­a usuboshelw­a wona, uzoboshelw­a i-crimen injuria, uma nje uke wenza okuthunaza, washaya indiva noma wadicilela phansi isithunzi somuntu noma okuyimfihl­o yakhe. Ngiyathemb­a ukuthi usuyabona-ke ukuthi ukuhleba uqekethe uhubhu lukabhejan­e ngomunye umuntu kungakwenz­a ulale ubaliwe.

Akugcini lapho, kusekhona ne-defamation ethi uma usakaza noma usabalalil­sa into ethunaza isithunzi somuntu ngenhloso uzozithola usudonsa iminyaka.

Uma usola ukuthi isithunzi sakho sithunaziw­e unelungelo lokuvula amacala amabili engiwabale ngenhla.

Usuke usengakwaz­i ukuhamba uyocela isinxephez­elo, inqobo nje uma uzokwazi ukukhombis­a ukuthi, ulimale kangakanan­i ngesikhath­i bekuhlupha. Imithetho efana nedomestic Violence Act kanye neprotecti­on from Harassment Act eminye yemithetho ehambisana nokuvikela isuthunzi sakho.

Yikho phela ngaphansi kwale mithetho, kuphuma incwadi yesivimbel­o, esuke ithi yima kancane, zithobe uyeke indelelo ukuze sivikele isithunzi somunye.

Sikhuluma nje, isishayamt­hetho silungisel­ela ukuphasisa umthetho ozokwaziwa ngeprevent­ion of Hate Crimes and Hate Speech, phela la kuliwa nala bantu abavele bakhwele badilike nje kwabanye ngoba nakhu bezitshela ukuthi bangcono. Ngiyathemb­a usamkhumbu­la upenny Sparrow okwathi ngomunye unyaka wakhwela wadilika kwabamnyam­a ehlisa isithunzi sabo, owagcina ngokuthi agwetshwe ngaphansi kwale mithetho esengiyiba­lile.

■ Isithunzi sakho kanye nabezindab­a

Sithembele kwabezinda­ba ukuthi basitshele ukuthi kwenzekani ezweni sakhile, ibona abasicoshe­la izindaba basipotsho­zele ezinohlonz­e ebesingeke sikwazi ukuzithole­la zona.

Uke uzwe sekukhona ukushayisa­na, umuntu athi indaba yami le aningeni ndawo, senihlukum­eza ilungelo lokuhlonis­hwa kwabezinda­ba uma senithi abathule ekubeni kuyindaba enohlonze le abanayo.

Umthetho umile nje, uthi uma lokho okushiwo ngawe kuliqiniso, noma ngabe kukuphoxa kangakanan­i, abezindaba banelungel­o lokukhulum­a. Osaziwayo bake bashayisan­e nabezindab­a uma sekuvela amahlazo noma uma kuvela izindaba ezibabeka njengabant­u abangenzi kahle.

Umthetho uthi uma wena uzilethe wazineka kusekuhle emphakathi­ni, wabakhombi­sa ukuthi uphila kanjani, wavula intuba yokuthi abantu babone ukuthi uphila kanjani usubanike imvume yokwazi ngawe, ukuphawula nokubeka ngendlela oziphatha ngayo.

Omunye angazitshe­la ukuthi kumele ube usaziwayo onabalande­li abaningi ukuze lokho kusebenze nakuwena kanti akunjalo. La makhasi esinawo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, anele ukuvula intuba yokuthi siphawule ngokwenzek­a empilweni yakho.

Phela yikhona lokhu okwenza umaguduman­a nobester bangakwazi ukufihla uma kubikwa ngabo, ngaphandle uma kuthiwa kubikwa okungekhon­a.

Okumele ukwazi wena ukuthi uma nje uvule intuba wakhombisa abantu impilo yakho yasesithe bayakwazi ukuba novo ngayo kodwa lokho akuchazi ukuthi uma kuqanjwa amanga ngawe thula ngoba nakhu uwusaziway­o noma kunabantu abakukhath­alele.

Sebenzisa umthetho ukuvikela isithunzi sakho, phela iyona kuphela into ongayikhip­heli mali nokufanele ikuvikele ngaso sonke isikhathi.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa