Abalimayo abachushiswe ngokubhekana nesimo sezulu esiguqukayo
AKUKHO ukungabaza ngokuthi ukushintsha kwesimo sezulu sekwenza kube nzima ukwethembela olwazini lwendabuko lokuqonda izikhathi zonyaka. Ngeshwa iningi labantu e-afrika selisebenzise le ndlela yokuphila isikhathi eside ngaphandle kokuthuthukisa ulwazi ngokwenzeka emkhathini muva nje. Lezi zinguquko zisho ukuthi imiphakathi eminingi yasemakhaya ebivame ukulindela ukutshala nokuvuna ngezikhathi ezithile, isisengozini yokulahlekelwa yizindlela zokwenza ukudla kokuziphilisa. Ukulima kwenzelwa ukudla, hhayi ukuhweba, kuphilisa imindeni eminingi kuleli.
Phezu kwalokhu, isimo sezulu esivame ukuphetha ngezimvula ezidala umonakalo, ziye zendlalelwe yisivuvu sokushisa esixakile njengoba kwenzeka kulezi zinsuku. Abe-south African Weather Service (Saws) kuleli viki bakhiphe isexwayiso ngomoya ongemuhle oshisayo. Sekuvele siyezwakala isifudumezi esiphambene nokuthi sekumele ngabe kunomuzwa wekwindla. Ongoti bathi lokhu kushisa kungadala umonakalo kubantu. Okungasho ukuthi hleze kungadaleka umkhuhlane, kokunye kube nabagcina bekhahlanyezwa ukushisa emzimbeni okungaholela esifweni esibizwa nge-heat stroke.
Hleze kungayekelela imiphakathi uma kungathi kuqashelwe isimo somonakalo ongadalwa ukushisa nemvula enamandla evame ukulandela, kube nemikhankaso yokuqwashisa abantu ngokwezempilo nezindlela ezintsha zokulima. Le ndaba iba mandla ezindaweni zasemakhaya ngoba le miphakathi iphile ngolwazi lwendabuko lokulungiselela isimo sezulu. Imikhankaso enjalo ingaba lusizo ekugwemeni umonakalo ongadalwa yisimo sezulu esehlukile kwesikujwayele.