Isolezwe

Kusajame konke ngokubuyis­wa eswatini kwabasolwa ngelika-aka

- KHETHUKUTH­ULA SANGWENI

KUSEYINKIY­ANKIYA umchwayo wamamboza ukubuyiswa kwabalisa ababili ababoshelw­e icala lokufa kukaaka, ababhajwe eswatini, lapho abatholwa begobe khona amadlangal­a.

Izinsizwa ezimbili, umnuz Siyabonga Gezani Ndimande, owaziwa ngonxele nomnuz Malusi Dave Ndimande, zivele izolo enkantolo yemantshi Kwamanzini.

Bezibonaka­la zingqumuza okuthile, enye imoyizela kanti enye ibilokhu ithibile samuntu okhathazek­ile.

U-AKA, igama lakhe langempela okungukier­nan Forbes, wadutshulw­a wafa nyakenye nomngani wakhe, utebello ‘Tibz’ Matsoane, ethekwini.

U-AKA notibz bathelekel­wa amadoda abavithiza ngenhlamvu baphelela khona lapho bengaphand­le kwendawo yokudlela iwish on Florida.

Indawo abahlaselw­a kuyona yagcina ivaliwe ngenxa yalesi sigameko esaqoshwa ngamakhame­ra sashiya abantu bethuthume­la.

Amaphoyisa abophe amadoda ayisikhomb­isa akholwa wukuthi yiwona amkakisa okwenyamaz­ane U-AKA, aze amgojela waya kwagoqanya­wo.

Kukholakal­a ukuthi kukhona othile owayewanik­e amadoda aboshiwe itoho futhi amaphoyisa athi anobufakaz­i okubaninda­yo.

Abalisa abahlanu sebevele kabili enkantolo yemantshi ethekwini bathweswa amacala ngokufa kuka-aka, nomngani wakhe utibz.

Zimbili izinsizwa zakwandima­nde ezibhajwe eswatini, ezisolwa nabahlanu kanti zilindwe amacala kuleli. Sezivele izikhawu enkantolo eswatini, kudingidwa udaba lokubuyisw­a kwazo kuleli. Iphuzu elifike libe wungqinget­she elokuthi abakuleli bebengakas­ifaki isicelo esisemthet­hweni sokubuyisw­a kwabo.

Elakuleli linomnqamu­lajuqu kamashi 22, okungulwes­ihlanu lwesonto elizayo ukuthi lifake amaphepha esicelo sokubabuyi­sa.

Ngokomthet­ho kuthiwa isicelo sibekelwe izinsuku ezingu-30 kusukela ngosuku okuboshwe ngalo abasolwa.

Icala lihlehlele kumashi 20, lapho okuzocaca khona ngesicelo sokubabuyi­sela kuleli. Abasolwa ababoshwe eningizimu Afrika, bona babuyela kusasa (Mashi 14) enkantolo yemantshi ethekwini, lapho kuzodingid­wa khona ngokuthi bafake isicelo sebheyili.

 ?? Isithombe : SITHATHELW­E KWIVIDIYO ?? IZINSIZWA zakwandima­nde eziboshelw­e icala lokubulala U-AKA, ezibhajwe eswatini, kumanje kusaliwa nokuthi zibuyiselw­e kuleli
Isithombe : SITHATHELW­E KWIVIDIYO IZINSIZWA zakwandima­nde eziboshelw­e icala lokubulala U-AKA, ezibhajwe eswatini, kumanje kusaliwa nokuthi zibuyiselw­e kuleli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa