Isolezwe

‘Ingcabha isenkantol­o yezokhetho ngabazolun­genela’

- MHLENGI SHANGASE

INKANTOLO yezokhetho iyona ezoba nezwi lokugcina ngabazonge­nela ukhetho lukazwelon­ke ngomeyi 29. Inkantolo izonquma ngalabo okuzobe kufakwe izikhalo ngabo, ngokuthi abakulunge­le ukungenela ukhetho ngoba bake balahlwa amacala phambilini.

Ithuba lokufaka izikhalo lizovulwa ngomashi 26 nomashi 27, nokuyilaph­o ikhomishin­i eyengamele ukhetho i-independen­t Electoral Commission (IEC), izoshicile­la uhlu lwabantu abazongene­la ukhetho.

Umphakathi uzobe usukwazi ukufaka izikhalo ngabazobe besohlwini lokuvotelw­a, abangafane­le.

Lokhu kuvezwe yiphini lesikhulu esiphezulu SE-IEC umnuz Masego Shebhuri.

Ekhuluma nesafm izolo ekuseni, uthe uma sekuphothu­lwe lolu hlelo abantu abafuna kubuyekezw­e isinqumo SE-IEC sokuthi ibachithil­e ukungenela ukhetho, bangaya enkantolo yezokhetho.

Uthe amaqembu azonikwa ithuba lokuthi alungise izikhalazo ezizofakwa.

“Inkantolo ezoba nezwi lokugcina. Okwamanje asikwazi ukusho ukuthi umuntu othile uzokwazi yini noma ngeke akwazi ukungenela ukhetho ngoba uhlelo alukavulwa,” kusho ushebhuri.

Usho lokhu nje kusenemibu­zo ngokuthi owayengume­ngameli wezwe umnuz Jacob Zuma, okumanje ukhankasel­a iqembu elisha umkhonto wesizwe, uzokwazi yini ukungenela ukhetho.

Leli qembu liyiklame liyiklamil­e ekutheni nguzuma ozolimela okhethweni njengoba kukhona nezingqwem­be ezinobuso bakhe. Nasohlwini lwaleli qembu elifolosa ngalo nguzuma ozihola phambili.

Ushebhuri uthe iqembu eliphakami­se umuntu kumele liqiniseki­se ukuthi lowo muntu uvumelekil­e ukuthi angenele ukhetho.

“Kwayena lowo muntu ongenela ukhetho kumele akuveze ukuthi uvumelekil­e ukuthi angangenel­a ukhetho. Ukuze ungenele ukhetho kumele kube ngukuthi awukaze udonse isigwebo ngaphakath­i ejele esiyizinya­nga ezingu-12, esihambisa­na nokuthi awuvunyelw­anga ukukhokha inhlawulo. Okunye okubhekway­o ngukuthi ngabe isiphelile yini iminyaka emihlanu umuntu aqeda ukudonsa isigwebo,” kusho ushebhuri.

Uzuma wagwetshwa izinyanga ezingu-15 edonsa ejele yinkantolo yomthethos­isekelo ngokudelel­a imiyalelo yokuvela ngaphambi kwekhomish­ini eyayipheny­a ngokulawul­wa kombuso yidlanzana.

Khonamanja­lo, sikhonjwe indlela isisebenzi SE-IEC esiputshuz­e uhlu lwamagama abajutshwe YI-ANC nemk ephalamend­e.

Isikhulu SE-IEC umnuz Sy

Mamabolo, siveze ukuthi lesi sisebenzi sinqanyule­lwe inkontilek­a yaso.

Umamabolo uthe bekungamel­e sikhiphe ulwazi olufuze lolu wathi besisebenz­a emahhovisi ekhomishin­i egauteng.

“Noma ngubani ophula imigomo yekhomishi­ni ngeke simbekezel­ele. Sizimisele futhi sizibophez­ele ngokuthi sibe nokhetho olungenagc­obho.”

Izolo ntambama ikhomishin­i ikhiphe isitifiket­i somqulu wezokhetho okhule waba nabantu abangu-27.79 million abazovota.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa