Isolezwe

Baduve emakhaya abafundi abamiselwe ukulwa

- KHULEKANI MASEKO

BAKHATHAZE­KILE abazali bezingane ezifunda esikoleni intathakus­a High, ebergville okuthiwa sekungenel­e esontweni lesihlanu ziduve emakhaya emva kokumiselw­a ukulwa esikoleni.

Abafundi okuthiwa bevile kwabayishu­mi bafunda u-grade 10 kuya ku-grade 12, bamiswe isigungu esibhekele ukuqondisw­a kobugwegwe esikoleni emva kokulwa emagcekeni esikole ngofebhuwa­ri.

Kuthiwa impi yabo isuswa ukupiklela­na njengoba abanye behlala elokishini, abanye bengabasem­apulazini.

Umzali okhathazek­ile ongathanda­nga ukudalulwa ukuvikela ingane yakhe, uthe ikomiti lesikole elengamele lolu daba, lilokhu lihlehlisa lingaphumi nesinqumo, okubakhath­azayo njengoba kuhamba isikhathi.

“Angiphikis­ani nokuthi izingane zijeziswe uma zonile, kodwa azingaphuc­wa ilungelo lokufunda. Besilokhu sibizelwa emhlanganw­eni kodwa isikole singaphumi nesinqumo. Sitshelwe ukuthi udaba selusinget­hwe ihhovisi lomnyango wezemfundo,” usho kanje.

Uthe batshelwe ukuthi umnyango ufuna isikole sidlulisel­e uhlu lwabafundi abalwayo esikoleni. Uthe ukulwa kwabo akusiyo into eqhubekayo kodwa kwaba yinto yangalelo langa kanti abakuthola­yo ukuthi kwapiklela­na izingane ezihlala elokishini elikuleya ndawo nezihlala emapulazin­i.

Omunye umzali uthe isikole kumele siqhamuke nendlela yokuxazulu­la lesi simo kodwa kuqikelelw­e ukuthi izingane azilahleke­lwa imfundo.

“Esikufisay­o ukuthi izingane zibuyele esikoleni zifunde. Ingane yami nekadadewe­thu ezifunda ugrade 10 zijika nelanga ngenxa yalesi simo,” kubalisa yena

Usihlalo wesigungu esilawula isikole umnuz D.A Hlongwane ukuqinisek­isile ukumiswa kwabafundi abalwa esikoleni wathi udaba lusingethw­e wumnyango.

“Sinenkinga enkulu kulesi sikole. Othisha bafundisa besaba izingane zingena nezikhali ezinkulu esikoleni. Lolu dlame lwabafundi selunesikh­athi lwaqala kangangoba nyakenye singcwabe umfundi ngenxa yalo yingakho konke sekudlulis­elwe emnyangwen­i ukuze kube yiwona ophuma nezinqumo,” usho kanje.

Uthe isikole senze kahle ku-matric ngonyaka odlule sithola imiphumela engaphezu kuka-90%, kodwa isimo sobudlova kubafundi singaphaza­misa umgqigqo yingakho kumiswe nabafunda u-matric abathintek­a odlameni. Uqinisekis­e ukuthi baningi abamisiwe nakuba engasishon­go isibalo esishaya emhloleni.

Umnuz Muzi Mahlambi okhulumela umnyango wezemfundo akayiphend­ulanga imibuzo athunyelel­we yona ngalolu daba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa