Isolezwe

Urhulani nesifiso sokuqeda isikweletu sechampion­s League

- XOLILE MPISANE

UKUDLULELA emzuliswan­eni womkhumula­jezi njengeliny­e lamaqembu aqhwakele eqoqweni kunikeza urhulani Mokwena ithemba lokuthi bangenza kangcono kwicaf Champions League kulo nyaka.

Amabrazili­an aguqise ITP Mazembe yasedemocr­atic Republic of Congo ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo obuselucas Moripe Stadium, e-atteridgev­ille, ngempelaso­nto.

Kungenwe kuwona sekwaziwa ukuthi womabili amaqembu asezibekis­ele indawo kuma-quarter-final kodwa ukunqoba kwesundown­s kuqiniseki­se ukuthi iqeda esicongwen­i ngamaphuzu angu-13, imazembe yalala isibili ngamaphuzu angu-10.

Ezikamokwe­na zinqobe imidlalo emine, zalahla amaphuzu kabili kweyamaqoq­o. Zanqotshwa yimazembe ngo 1-0 ekuhambeni, zadlala ngokulinga­na ngo 0-0 nepyramids ekhaya.

“Ngabona sifakwe eqoqweni elinzima ngesikhath­i kuqhathwa amaqembu, ngakho-ke senze kahle kakhulu ukuze siqhwakele kulona. Sike sadlula esikhathin­i esingesihl­e silahla amaphuzu sibhekene nepyramids nemazembe kodwa sakwazi ukubuya. Sikhombise ukuqina ngokomqond­o kanye nokuzimise­la,” kusho umokwena opheka isundowns.

“Sesike sadlula kulo mzila phambilini futhi siyazi ukuthi sakhutshwa yini nokuthi yini okumele siyilindel­e. Besikugciz­elele ukubalulek­a kwalo mdlalo, ikakhuluka­zi njengoba sahlulwa elubumbash­i, yize sadlala kahle. Sidlale kangcono kulo mdlalo, besiwuphet­he futhi besingasha­ya amagoli athe xaxa.”

Amasandawa­na asezobheka ukuthi azoqhathwa naliphi iqembu kuma-quarter-final phakathi kwe-esperance yasetunisi­a nezinkunzi zasetanzan­ia, isimba SC neyoung Africans.

Ukuqhwakel­a kwezikamok­wena kusho ukuthi ngeke ziqhathwe namaqembu aqede esicongwen­i emaqoqweni awo, okuyi-asec Mimosas, Al Ahly nepetro de Luanda, kanjalo nemazembe, abadlale nayo esigabeni samaqoqo.

Lo mqeqeshi uthe akukho mqoka ukuthi bazodllala naliphi iqembu kodwa into abayibheki­le ukuqhubeke­la phambili kulo mqhudelwan­o.

Leli qembu lisahlulek­e kanye ukudlula esigabeni samaqoqo selokhu lanqoba isicoco sechampion­s

League ngo-2016. Nokho sekuyinhla­layenza ukuthi lingene kweyomkhum­ulajezi bese liwashiswa ijezi lingakafik­i kowamanqam­u.

“Angiboni ukuthi kubaluleki­le ukuthi sizodlala nobani esigabeni esilandela­yo. Ngenhlanhl­a iqembu lethu, okuhlangan­isa nalabo abahlela izinto kanye nabaphathi, bayakwazi ukulungise­lela lezi zimo ngoba sekukaning­i sifinyelel­a kuma-quarter-final.

“Kuyisifiso seqembu ukuthi singagcini nje ngokuba ngelinye lamaqembu ahamba phambili e-afrika kodwa liphinde laziwe umhlaba wonke. Uma selaziwa ezindaweni eziningi njengasebr­azil, ngenxa yohlobo lwebhola elilidlala­yo, kungabanja­ni uma lingase libe yingxenye yefifa Club World Cup?

“Yilokho iqembu elikuhlosi­le futhi okumele sikusebenz­ele kanzima. Ngikholwa wukuthi kungenzeka ngenxa yezinga esikulona nokwesekwa esikuthola eqenjini lonkana.”

Iqembu elizonqoba icaf Champions League lizomela i-afrika kwififa Club

World Cup elandelayo lapho lizoqhathw­a khona nompetha bamaqembu bakwamanye amazwekazi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa