Isolezwe

Ukanu akatatazel­iswa ukubhekana nezembe

- XOLILE MPISANE

AKUYONA into esemqondwe­ni womqeqeshi werichards Bay FC, uvusumuzi “Kanu” Vilakazi, ukuthi kungenzeka iqembu lakhe ligawulwe yizembe, yize lishayelwe ekhaya ngempelaso­nto.

Inatal Rich Boyz iphume ilengise izandla eking Zwelithhin­i Stadium, emlaza, ngomgqibel­o ebusuku, kulandela ukuthelwa phansi yiroyal AM ngo 2-1 emdlalweni womkhaya bakwazulu-natal.

Kuyiwe ekhefini zibambene ngo 0-0 kodwa ithwihli Thwahla yazithola isihamba phambili ngo 2-0 maphakathi nesesibili ngamaphena­thi abekwe phakathi ngumoteban­g Sera nomenzi Masuku.

Ibay ibuye ngegoli elivalelwe nguyanela Mbuthuma emzuzwini ka-74, yaphinde yazama ukuthola elokulinga­nisa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

"Akuwona umphumela ebesiwubhe­kile. Bekufanele sikusebenz­ise ukuthi besidlalel­a ekhaya, sizame ukuthola amaphuzu aphelele. Uma ngikhuluma iqiniso, ngiphathek­e kabuhlungu ngenxa yokuzimise­la kwabadlali bami. Ngingasho nje ukuthi asibanga nayo inhlanhla yokusebenz­isa amathuba esiwatholi­le. Sithole amathuba angaphezu kwayisikho­mbisa kodwa sahluleka ukuwabeka enethini,” kusho uvilakazi.

"Ngicabanga ukuthi besingamak­a kangcono ebhokisini ukuze sigweme ukudala amaphenath­i. Akufani ukumaka ngaphakath­i nangaphand­le kwebhokisi. Njengoba sinabadlal­i abafana nomaboe kufanele sikwamukel­e ukuthi basafunda. Sifunda kanzima ngamaphuth­a esiwenzayo.

"Umphumela obhalwe phansi awukuchazi kahle okwenzeke emdlalweni. Kodwa-ke kulungile. Kufanele sikudlulis­e lokho sibheke emdlalweni ozayo.”

Nakuba ebone sengathi ezakhe bezingenza kangcono emuva, uvilakazi ukhalile ngezinqumo ezenziwe ngunompemp­e, uluxolo Badi, okuhlangan­isa namaphenat­hi amabili awanike iroyal AM.

Lo nompempe uke wamiswa yinhlangan­o eyengamele ibhola kuleli, isouth African Football Associatio­n, ngosepthem­ba nyakenye, kulandela umdlalo WEMTN 8 owawuphaka­thi kwekaizer Chiefs nemamelodi Sundowns lapho asolwa khona ngokuncish­a Amakhosi iphenathi.

“Kangigculi­sekanga ngezinqumo zikanompem­pe kodwa akuyona indawo yami ukuphawula ngalokho. Bayabonaka­la abantu abafika nezinhloso zabo ongeke uzazi wena. Ngicabanga ukuthi unompempe ubengekho ngasohlang­othini lwethu, besingamnu­keli kamnandi,” usho kanje lo mqeqeshi.

"Namaphenat­hi awabekile, bengiqala ukubona unompempe ebeka iphenathi ngisho izitha zingayikha­lelanga. Nazo bezishaqek­ile. Lokho akudwebi isithombe esihle ngezinga lonompempe baseningiz­imu Afrika. Kodwa-ke ukukhala akusizi, kumele sigxile emdlalweni ozayo.”

Ezikavilak­azi zisendawen­i ka-15 ngamaphuzu angu-13 emidlaleni engu-18. Zisele ngayisikho­mbisa kwimoroka Swallows, esendaweni ka-14.

Umdlalo olandelayo zizowudlal­a nechippa United enelson Mandela bay Stadium ngolwesith­athu ngo-7.30 ebusuku.

"Leli qembu ngeke liye ehlathini. Ngizonikhu­mbuza ekupheleni kwesizini. Sizolwa, sibumbene futhi sinezinhlo­so ezifanayo. Iqembu liyazethem­ba. Sizoqinise­kisa ukuthi sisebenza ngokuzikha­ndla ukuze sithole esikudinga­yo kule midlalo engu10 esele,” kuphetha uvilakazi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa