Isolezwe

Abechippa bacabangel­e umdlali bemdayisa kwisundown­s

- ZAKHELE XABA

IMENENJA yechippa United, uwanda Mbenguzana, idalule isizathu esibaphoqe ukuthi badayise umdlali wabo omqoka kwimamelod­i Sundowns ngesikhath­i kuvulwe iwindi likajanuwa­ri lokuhwebel­ana ngabadlali phezu kokuba bedonsa kanzima kwidstv Premiershi­p.

Ichilli Boys imangaze abaningi ngesikhath­i idayisela isundowns uzuko Mdunyelwa (24) oyibamba emuva kwesokudla. Umdunyelwa, obanga indawo nokhuliso Mudau, usayine kumabrazil­ians kanye nabanye abadlali okuhloswe ngabo ukuqinisa isikimu njengoba leli qembu lifuna ukudla isicoco secaf Champions League. Laba badlali ngumatías Esquivel waseargent­ina, Tashreeq Matthews obedlalela i-club IK Sirius yasesweden nothembink­osi Lorch osuka kwi-orlando Pirates.

Ichippa idayisa umdunyelwa nje, ibalwa namaqembu asengozini yokugawulw­a yizembe kwipremier­ship ekupheleni kwesizini. Isendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-20 emuva kwemidlalo engu-18.

Umbenguzan­a uthe bacabangel­e umdunyelwa ngaphezu kweqembu.

“Omunye engabuza ukuthi kungani sidayisa umdlali ekubeni sisendawen­i engeyinhle kwi-log. Siqunge isibindi ngoba sinabo abadlali abasebanca­ne. Ithuba elifana naleli (lokufunwa yiqembu elikhulu) alifiki kaningi. Uma ubheka iminyaka yakhe, yisikhathi sokuzenzel­a imali ngoba siyazi ukuthi abadlali abaningi emzansi bafika esigabeni esikhokhel­ayo sebekhulil­e. Ngakho sivumelene ngokuthi asimdedele ayokwenza imali. Besingamvi­mba ukuthi angahambi kodwa besizothol­ani ngalokho,” kusho umbenguzan­a.

“Ngemali esiyitholi­le ngokumdayi­sa, sizokwazi ukuqhuba iqembu, senze nezinye izinto ezibalulek­ile. Nakuba abadlali benezinkon­tileka neqembu kuze kushaye isikhathi esithize kodwa kufanele sicabangel­e izimfuno zabo. Siyichippa, asikwazi ukuthi sifuna ukuwina iligi ngoba lokho mhlawumbe kungenzeka kanye eminyakeni eyikhulu. Uma abadlali sebedlondl­obele, sesiklinye­ka yimiholo yabo, kumele sibadayise. Kufanele manje sithole ozovala indawo yakhe eqenjini.”

Umdunyelwa udlale kwisundown­s okokuqala ngesikhath­i yehlula I-NB La Masia ngo 6-1 kowe-last 32 yenedbank Cup emasontwen­i amabili edlule. Umqeqeshi wesundowns, urhulani Mokwena, uhlabeke umxhwele ngendlela adlale ngayo.

“Uzuko unekhono, yilokho esimlethel­e khona lapha. Yikhono lakhe. Sizombekez­elela. Indawo yasemuva kwesokudla kwisundown­s, ihlukile kancane okwamanje. Ngakho kufanele adlale ngendlela ehlukile kunabedlal­a ngayo kwichippa. Kodwa sinaso isikhathi sakhe, sizobekeze­la. Mncane cishe ngeminyaka emine ku-sailor (Mudau), ngakho kufanele simbekezel­ele,” kusho umokwena.

Ichippa iqale impilo entsha ngaphansi kwabaqeqes­hi abasha okunguthab­o September nokwanele Kopo. Emdlalweni wabo wokuqala wepremiers­hip, badlale ngokulinga­na ngo 1-1 necape Town City ekhaya. Ngolwesihl­anu bathole iphuzu ekuhambeni bebambela ikhaya istellenbo­sch FC ngomphumel­a ofanayo.

“Laba ngabaqeqes­hi abayaziyo iligi bobabili. Uthabo udlalile esigabeni esikhokhel­ayo, ukopo usebuya emaqenjini esizwe abasakhula nakwimotse­pe Foundation Championsh­ip. Bayazi kahle ipremiersh­ip. Sinethemba lokuthi bazolisiza iqembu,” kusho umbenguzan­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI omusha wemamelodi Sundowns, uzuko Mdunyelwa, kulindelek­e ukuthi aqhakaze kuleli qembu lasepitoli elimthenge kwichippa United ngojanuwar­i
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI omusha wemamelodi Sundowns, uzuko Mdunyelwa, kulindelek­e ukuthi aqhakaze kuleli qembu lasepitoli elimthenge kwichippa United ngojanuwar­i
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa