Isolezwe

Ibamba kwiswallow­s lifuna Usuthu esitikini

- MTHOKOZISI MNCUSENI

IBAMBA lomqeqeshi kwimoroka Swallows, umusa Nyatama, likhuthaze­kile ngelikubon­e kubadlali balo ngesikhath­i bebhekene nekaizer Chiefs okulenza lingabe lisakwazi ukulinda olandelayo wedstv Premiershi­p namazulu FC kusasa ngo-7.30 ebusuku, emoses Mabhida Stadium, ethekwini.

Iswallows osekuphele izinyanga ezine ingayazi iwini kwiligi izoya emdlalweni wayo olandelayo nosuthu ethekwini, ikhuthazek­ile ngenxa yalokhu ekwenze ekuhambeni kwichiefs.

Iswallows ithole iphuzu ibambana ngo 0-0 nechiefs koweligi ngempelaso­nto EFNB Stadium.

Unyatama obekhuluma nabezindab­a emuva kokunezela osizini oluhaqe ichiefs kulezi zinsuku, uthe kumele kube khona abakuthola­yo ethekwini.

Lo mdlalo bekubhekwe ukuthi ichiefs ivuke ngawo ehlazweni lokukhishw­a ekuseni yimilford FC kwinedbank Cup ngeledlule.

Emuva komdlalo, unyatama uyena obechaya izandla ngoba ekholelwa ekutheni iswallows iziyekele ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele kwichiefs. Amakhosi aqede umdlalo esegijima ngabadlali abayishumi enkundleni kulandela ikhadi elibomvu lika-edmilson Dove.

“Ngeke sikubaleke­le ukuthi besibheken­e nelinye lamaqembu athathwa njengamakh­ulu kuleli esibayeni salo kodwa futhi lokhu akungenzi ngiguqule umqondo wami ngokuthi siyeke ithuba lokuqoqa amaphuzu agcwele,” kusho unyatama.

“Amathuba esiwatholi­le bekumele siwasebenz­ise okungenani elilodwa lawo.

Kulungile ngiyawamuk­ela lo mphumela kodwa uyangikhut­haza ngokungase kwenzeke emdlalweni olandelayo yinqobo nje uma sizoqhubek­a nalokhu ebesikwenz­a kwichiefs,” kuqhuba unyatama.

Uyaqonda unyatama ukuthi umdlalo wabo nosuthu uzobanzima kodwa akangabazi ukuthi bangawatho­la amaphuzu agcwele okokuqala ezinyangen­i ezine.

“Ayikho imidlalo elula kule ligi kodwa uma sizoya kumazulu ngendlela esiye ngayo kwichiefs nakanjani amathuba omphumela omuhle makhulu,” kuqhuba yena.

Unyatama uveze ukuthi kuzoba nesikhathi lapho engeke abekhona ebhentshin­i leswallows ngokuqhube­ka kwesizini.

“Ngokushayi­sana kwezikhath­i kukhona lapho iqembu lizodlala khona ngaphandle kwami. Imbangela yalokhu izifundo zami zokuqeqesh­a okumele ngiqhubeke nazo.

“Ukungabibi­kho kwami nokho angikholwa ukuthi kuzophazam­isa kangako ngoba iqembu lizobe lisezandle­ni zomqeqeshi onamava adingekayo ukuhlala ebhentshin­i, uditheko (Mototo),” kuphetha unyatama.

Kumele izibambe ziqine nokho iswallows kowakusasa nosuthu olusazikho­tha amanxeba kulandela isibhaxu sika 3-0 sompetha imamelodi Sundowns epitoli, emdlalweni odlule.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI obambile kwimoroka Swallows, umusa Nyatama, ukhale ngokungase­benzisi amathuba bedlala nekaizer Chiefs kowedstv Premiershi­p EFNB Stadium ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI obambile kwimoroka Swallows, umusa Nyatama, ukhale ngokungase­benzisi amathuba bedlala nekaizer Chiefs kowedstv Premiershi­p EFNB Stadium ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa