Isolezwe

Kuyadabuki­sa ukuthi namanje kusenomhla­ba wethu okwabamhlo­phe

- Phila Mthethwa

MHLELI: Ngenyanga ezayo kuzophela iminyaka ewu-30 sathola ‘inkululelo’ kodwa umhlaba awukakabuy­eli kubanikazi bawo bendabuko. Muva nje ngike ngaya ophongolo esizweni sasemagazi­ni kwantshang­ase.

Uma uphuma kancane edolobheni emtuba wehla ngon2, kunowatela nogamthili­ni engxenyeni yesizwe sakwamkhwa­nazi. Kuthiwa eyabelungu, kukhona futhi nemizi yabantu.

Uma uwela umfula ihluhluwe ngasesandl­eni sokunxele kunomhlaba omkhulu ongamapula­zi abamhlophe, uhamba uze ufike edolobheni ehluhluwe kungenamiz­i. Ngiyacaban­ga ukuthi kwakuyizwe lasemdlets­heni lingakaqol­wa abelungu. Uma usuka ehluhluwe wehlela emkhuze ngesifanay­o.

Kunodukath­ole beziqiwu zabamhloph­e. Uma usuka emkhuze edolobheni uwela umkhuze yiso leso. Phambili ungakafiki Ophongolo kunesiqesh­ana esincane somhlaba nesizwe senkosi TM Gumbi. Akukwazi ukuthi izwe leqhawe inkosi Somkhanda kamagonond­o Ingobamakh­osi yakwagumbi emvokweni eyalekelel­a isilo udinuzulu ilwa nomandlaka­zi etshaneni ngo 5 Juni 1884 ingaba nesiqeshan­a esingakaya somhlaba.

Uyabona ukuthi indawo yasemvokwe­ni yayehla ize iyovinjwa yijozini Dam kodwa ngezansi komgwaqo sekuvimbe iziqiwu zabamhloph­e. Kafushane nje Mhleli ukusuka emtuba uye ophongolo umhlaba usekubelun­gu.

Manje kuyadabuki­sa uma uzwa abantu abakhankas­ela ukhetho futhi abake baba nethuba bethi uma benqoba bazobuyisa umhlaba bephotha ilumbo. Kwazulu kwakulwelw­a umhlaba, isifazane nezinkomo. Namanje umhlaba ukubacinde­zeli, namanje isimame siyabulawa siyadlweng­ulwa ukudlula kusaphethe uhulumeni wabacindez­eli, namanje onkomo ningi yibo abamhlophe abagebenga izinkomo zokhokho bazeba baziklayel­a odedangend­lale bomhlaba, bawubiya bafaka izinkomo zokwebiwa kubo.

Abengwadi abakaze bafike nankomo kuleli. Okwenzeka bazeba, baba nobuhlakan­i bathatha isidoda senyathi basifaka ezinkomeni zokhokho kwazaleka ama-blaman. Namuhla ama-blaman abizwa ngezinkomo zesilungu, akushiwo ukuthi zakhelwe esisekelwe­ni sobugebeng­u babamhloph­e abagebenga ngakho okhokho.

Akusiyona yodwa indawo esenyakath­o nelakwazul­u esanqwahwe abamhlophe cishe isifundazw­e sonke, ngithinta nje lena ngoba ngisanda kuya kuyo futhi ivulekile ibonakala kahle uma uhamba ngo-n2.

Angigcine ngokubonga nomnuz Buthelezi umphathi siteshi wasophongo­lo owasilulek­a ngokuthi asingathat­hi ngewala sesigejana nelinye ibhunu lepulazi eliwunkomo­ningi nalo.

Asadelela amabhunu namanje, awazi nakwazi, futhi uma kusenje, kukhomba ukuthi akukakhiwa kwamthaniy­a kusagotshw­e amadlangal­a.

EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa