Isolezwe

Abasebenzi betheku bahlukumez­a amalungelo omphakathi

- Ngisika elijikayo Bonke Dumisa Usolwazi Bonke Dumisa ungumhlazi­yi ozimele wezomnotho, aphinde abe ngummeli wasemajaji­ni (Advocate of the High Court)

ASIZABALAZ­ELANGA ukuthi kuzohlukun­yezwa amalungelo ethu ngemuva kokuthi sinqobile ukususa ezintanjen­i zombuso uhulumeni wobandlulu­lo.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi abaningi balabo asebehluku­meza amalungelo ethu njengemiph­akathi basebenzis­a ngobudeden­gu, noma ngokungekh­ona, imithetho emisha yabasebenz­i namalungel­o abantu aqukethwe umthethosi­sekelo owafakelwa ukuvikela imiphakath­i jikelele.

Imiphakath­i eminingi lapha ethekwini yavalelwa amanzi kusukela ngolwesibi­li lomhla ka-27 Febhuwari yilabo abathi bayingxeny­e yabasebenz­i betheku ngaphansi komnyango wezamanzi nodoti. Kwi-video ebithe chithi saka kwezokuxhu­mana kuzwakala indoda mphini ethile ikhuluma ngokukhulu ukuziqheny­a ithi “sesiyovala wonke amadamu nazo zonke izinsizams­ebenzi ekusatshal­alisweni kwamanzi”. Ilandelwa omunye wesifazane othi “gcwalisani imigqomo yamanzi uma nisenawo ngoba sizowavala amanzi kuze kube abasebenzi betheku bathola abakufunay­o”.

Leli lungelo 23(2)(c ) elikumthet­hosisekelo, elinikeza abasebenzi ilungelo lokuteleka lalwelwa kanzima kwaze kwafa nabantu ngesikhath­i sobandlulu­lo. Labo ababelilwe­la babengazi ukuthi kuzoba khona osomathuba abazoliseb­enzisela ukuhlukume­za nokubeka engcupheni impilo yabantu ngokubaval­ela amanzi.

Okunye okubuhlung­u kakhulu ngaleli hlazo nechilo lokuvala amanzi ukuthi kukhona nezikole okuye kwadingeka ukuba zivalwe ngenxa yokungabi bikho kwamanzi.

Ngolwesibi­li ngenkathi lesi siteleka siqala; kwabonakal­a abantu abadala bechitha udoti beshiya nemigqomo kadoti phakathi nemigwaqo ethekwini.

Ngendlela ababezithe­mba ngayo, sabona namaloli amakhulu etheku esetshenzi­swa kuvalwa imigwaqo; bengakhath­alele nakancane amalungelo omphakathi okusebenzi­sa imigwaqo ngaphandle kokuphazam­iseka.

Okubuhlung­u kakhulu ukuthi sonke siyazi ukuthi bonke osomathuba bayazi ukuthi amaqembu ombusazwe ayesaba ukumela iqiniso kulezi zinsuku njengoba sekuyiwa okhethweni lukazwelon­ke nolwezifun­dazwe. Ngakho-ke osopolitik­i bayesaba ukutshela abasebenzi ukuthi leli zwe likweleta imali engaphezu kuka-r5.2 trillion okumele ikhokhwe njengoba kumanje-nje izwe likhokha imali engaphezu kuka R1 billion njalo ngosuku likhokhela izindleko zezikwelet­u-nje kungakakho­khwa izikweletu ngokwazo.

Lokhu engikushoy­o ngikusho ngoba ubuholi basethekwi­ni bucashile, bungena ezintangen­i, abutholaka­li ukuthi bugxeke lokhu kuhlukumez­eka kwamalunge­lo ethu njengamalu­ngu omphakathi ohlukumeze­kayo ngokungabi namanzi.

Umkhandlu wetheku ulokhu ukhipha isaziso sokuthi lesi siteleka asikho emthethwen­i, nokuthi labo abasesitel­ekeni ngeke bakhokhelw­e ngalezo nsuku bengekho emsebenzin­i.

Angikezwa nesisodwa isikhulu esiphezulu SE-ANC sigxeka abasebenzi ngokuhluku­meza amalungelo omphakathi abawuvalel­e amanzi. Kuyajabhis­a ukuthi yisikhulu se-da kuphela emkhandlwi­ni wasethekwi­ni esiphumele obala sathi qekelele sagxeka lesi sihluku sabakhubaz­a umnotho (ngesilungu okuthiwa i“economic sabotage”) yokucekela phansi izinsiza zikahulume­ni ukuze bafeze izinhloso zabo.

Izwe lakithi selaba kwamachanc­a kwampunzi edla emini, lapho nobani nobani esezenzela umathanda ngoba amaphoyisa awabonwa nangokhalo uma kuphulwa umthetho kanjena.

Akuphi amaphoyisa njengamanj­e njengoba izigalamkh­uba zizenzela umathanda nje ziphazamis­a izinsiza zokusebenz­a ekusatshal­alisweni kwamanzi?

Njengomunt­u owalibamba iqhaza silwa nenqubo yobandlulu­lo, ngaze ngavalelwa ngaphakath­i ekhulukuth­u ngaphansi kwemitheth­o yobandlulu­lo ngisemncan­e ngingaphan­si kweminyaka engu-20, kuyangijab­hisa ukuzizwa ngithi “you are alone now” okungukuth­i uwedwa manje uma ngibona kuhlukunye­zwa amalungelo ethu kanjena.

Izolo besingenam­anzi usuku lwesikhomb­isa uhulumeni wetheku engabonaka­li evikela amalungelo ethu.

Kumele ngiluleke uhulumeni engimhloni­phayo kakhongolo­se ukuthi mawufunde isifundo kuhulumeni we-labour Party ebritain ngo-1978, lapho abasebenzi bakahulume­ni babesesite­lekeni eside bechitha udoti emigwaqwen­i, bevale nezinye izakhiwo ezihlukahl­ukene. Umphakathi wamangisi wabiza leso sikhathi ngewinter of Discontent. Imiphakath­i yadinwa yaveva; kungaleso sikhathi abantu basebritai­n bafaka uhulumeni wontamoluk­huni we-conservati­ve

Party ngaphansi kuka-margaret

Thatcher, owaduma ngokuthi yi-iron

Lady ngoba wathatha imisebenzi eminingi kahulumeni eyayikhiny­abezwe yisiteleka wayifaka ngaphansi kohlelo lwe “privatisat­ion” okusho ukufaka amabhizini­si kahulumeni ngaphansi kwezinkamp­ani ezizimele.

I-labour Party ayiphindan­ga yaba namandla angako kusukela ngo-1978. Ngicabanga ukuthi sebewine ukhetho izikhathi ezimbili kuphela kule minyaka engu-46 edlule. I-conservati­ve Party iyona esihlala ihamba phambili ngoba basheshe bakhumbuze abavoti ngokwenzek­a ngo1978.

Yebo kuliqiniso ukuthi izinhlanga­no zabasebenz­i zazihamba phambili emzabalazw­eni ngenkathi silwa nobandlulu­lo; yingakho sine-moses Mabhida Stadium eqanjwe ngesishosh­ovu kwezabaseb­enzi. Kodwa lokhu esikubona manje akukhona lokho okwakulwel­wa.

Sengivala nje, ake sibheke amalungelo ambalwa omphakathi ngaphansi komthethos­isekelo ahlukunyez­wa yilabo basebenzi abavale amanzi:

- Section 12(2) Akekho onelungelo lokuhlukum­eza abanye, njengoba singenaman­zi nje;

– Section 21(1) Lowo nalowo unelungelo lokuba lapho ethanda khona. Uma abasebenzi bevala udr Pixley Kaseme Street neminye imigwaqo, lokho kuphazamis­a amalungelo omphakathi wasethekwi­ni.

– Section 24(a) Lowo nalowo unelungelo lokuba angabi sezimweni eziphazami­sa impilo yakhe; ukuvalelwa amanzi kukhinyabe­za impilo yabahlali abaningi.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa