Isolezwe

Selokhu kwathi nhlo umbuso kazulu usemseni wosopoliti­ki

-

NGESIKHATH­I undunankul­u wesifundaz­we, unkk Nomusa Dube-ncube, ethula inkulumo ngesimo sesifundaz­we ngeviki eledlule umemezele ukuthi kunezinhle­lo zokwakha isigodlo esisha sesilo umisuzulu Sinqobile kazwelithi­ni Kwanongoma.

Lesi yisinqumo esinqala nesihle esizweni sikazulu njengalokh­u unomthebe waso ebengakabi nesigodlo endaweni enomlando wokuba yihlalanko­si Kwazulu. Unongoma yilapho iningi lezigodlo zakhele khona. Yebo, isilo sizinze esigodlwen­i esisanda kulungiswa kwankomony­e ondini kodwa bekungakac­aci ukuthi le ndawo isingathat­hwa njengesizi­nda esikhulu sesilo esibusayo njengamanj­e.

Kusalokhu kunechasha­za nokho ekutheni izinhlelo zalo hulumeni wesifundaz­we zokudedela ngokugcwel­e ukusebenza ngokuzimel­e kwendlunku­lu kazulu zimiphi. Futhi lokhu akuqalanga ngesikhath­i sekubusa I-ANC esifundazw­eni, kwakunje naphambili­ni kusaphethe I-IFP.

Selokhu kwathi nhlo umbuso kazulu usemseni wosopoliti­ki. Ngisho sekungene intando yabantu. Phakathi kwezinto ezinganamb­ithisiseki ngalesi simo, ukuphila ngokukhang­ezwa kwendlunku­lu amanconzun­conzu nguhulumen­i. Lokhu kubangela ukuthi noma yimuphi usopolitik­i osemandlen­i kuba nguye oshaya ufayifi ekuphathwe­ni kwezinto zasendlunk­ulu.

Ngo-2009 kwasungulw­a uphiko lwe-kwazulunat­al Royal Household Trust okwakubhek­we ukuthi luzokwenga­mela izindaba zasendlunk­ulu luphinde lulawule isabelomal­i esibhekene nayo. Kodwa okusobala ukuthi yigama nje ukuthi kunalolu phiko, osombangaz­we basagxamal­azele konke. Lesi sikhwama sifana nehhovisan­a nje elingaphak­athi kwelikandu­nankulu wesifundaz­we.

Ngeshwa lesi simo sisazoqhub­eka sidale isithombe sokuthi imisebenzi yesizwe neyasendlu­nkulu iyibhola eligendwa osopolitik­i emdlalweni wabo wombango wevoti. Nemifantu eklaya indlunkulu nayo kayelekele­li kule nselelo, ngaleyo ndlela abezombusa­zwe basazoba oqhozasi kule sekisi.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa