Umasipala nezinhlelo zokuthuthukisa abakhele indawo kadoti
UMASIPALA wetheku usuqashe amalungu omphakathi wasebuffelsdraai, everulam, angu-185 ukwenza umsebenzi wokongiwa kwamahlathi endaweni eyakhele indawo yokulahla udoti.
Lokhu kuvezwe yimeya yetheku, umnuz Mxolisi Kaunda, ngomgqibelo, ngesikhathi ibize umhlangano nomphakathi wakule ndawo.
Inhloso yomhlangano bekuwukuzowazisa ngenqubekela phambili ngezinhlelo ezamenyezelwa nyakenye, kulandela udlame phakathi kwawo nonogada abagade endaweni.
Odlameni olwaba ngojulayi nyakenye, onogada basolwa ngokudubula umnuz Njabulo Mbonambi (27) wasosindisweni wafa. Kwathiwa wadutshulwa washonela endaweni yesigameko.
Kwabikwa ukulimala kwabevile ku-16 abaphuthinyiswa esibhedlela. Bonke abagilwa babengabantu ababezicoshela udoti kule ndawo ngenhloso yokuziphilisa.
Ukaunda ekhuluma nomphakathi obugcwele phama itende, uthe iminyango eyahlukene yomasipala isatshalaliswe kule ndawo ukuthi isungule izinhlelo ezizokwenza ngcono impilo yabantu.
“Bangu-185 asebenikwe umsebenzi ohlelweni lokongiwa kwamahlathi akhele indawo ibuffelsdraai kanjalo nendawo yokulahla udoti,” kusho ukaunda.
Uqhube wathi ingu-30 imifelandawonye yamabhizinisi esibhalisiwe kusuka ngalesiya sikhathi kuze kube yimanje.
Ukaunda uveze nokuthi inqwaba yemilutha yezidakamizwa ingaphansi kohlelo lokuhlunyeleliswa.
“Abanye babo sebesiziwe ngokuphelele, base beyohlanganiswa nemindeni yabo,” kuchaza ukaunda.
Uqhube wathi bazimisele ngokusiza intsha ebisicwile ezidakamizweni ukuthi ithole amathuba omsebenzi ukuze ingaphindeli ekusebenziseni izidakamizwa.
“Ngokusebenzisana namaseta’s, sizobafaka ezinhlelweni zokuqeqeshelwa i-carpentry, plumbing, ne-brick laying,” kusho ukaunda.
Olunye usizo athe lulethelwe umphakathi wasebuffelsdraai, olokubhalisela omazisi, kulabo abangakaze babenabo.
Uphinde waveza ukuthi useqokiwe usonkontileka ozokwenza umsebenzi wokwakha isiphehlimanzi sasogunjini, esizolekelela izinkinga zamanzi.
Uphinde wagcizelela ukuthi kuyingozi kubantu ukuya endaweni yokulahla udoti.
Le ndawo namanje isavaliwe kulabo abafuna ukuzicoshela udoti. Lesi sinqumo sathathwa wumasipala kulandela izidubedube zokubulawa komuntu.