Isolezwe

Asimthusi isiphithip­hithi esisekzn omele irise Mzansi

- SABELO NSELE

UTHI awumthusi umbango oshisa phansi wokuhola isifundazw­e ikwazuluna­tal ohola irise Mzansi esifundazw­eni, unkk Nonkululek­o Hlongwanem­hlongo.

Unkk Hlongwane-mhlongo uthe bona bagxile kakhulu emkhankasw­eni wabo, wathi abafuni ukuphazany­iswa izinto ezenzeka emaceleni.

Ukusho lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e nesolezwe.

Unkk Hlongwane-mhlongo ungumholi wesikhasha­na werise Mzansi Kwazulunat­al, kulindelek­e ukuthi athulwe ngokusemth­ethweni njengomele iqembu embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu EKZN ngolwesith­athu.

Umbango mkhulu Kwazulu-natal njengoba I-IFP neqembu elikhankas­elwa owayengume­ngameli, ujacob Zuma, umkhonto wesizwe, likhombisa ukwenza kahle ezinkethwe­ni zokuchibiy­ela zakamumva ezibe Kwazulunat­al.

Unkk Hlongwane-mhlongo uthe babheke ukwenza kahle Kwazulu-natal.

“Siyazi ukuthi amaqembu amaningi ayibhekile ikwazuluna­tal njengoba ingeyesibi­li ngokwesiba­lo sabantu ababhalise­le ukuvota. Ikwazuluna­tal ithathwa njengababe­ki benkosi. Thina asithukile.

Siyazi ukuthi kuzokuba nesiphithi­phithi, nomsindo.

“Kodwa iqiniso esilaziyo ukuthi abantu bakwazulu-natal abamane bavotele noma iliphi iqembu lezepoliti­ki. Abantu bakwazulu-natal bavotela iqembu abalaziyo ukuthi lizofeza izidingo zabo. Njengoba siya okhethweni abantu angeke bawavotele amaqembu angazifezi izethembis­o.”

Unkk Hlongwane-mhlongo uthe umqulu wezethembi­so zokhetho wabo unezinto ezidingwa abantu bakwazulun­atal.

“Engikuthan­dayo ngomqulu wethu ukuthi abantu bakwazulu-natal babambe iqhaza ngesikhath­i siwubhala. Siyile kubona, saxoxa nabo, basitshela izinto abazifunay­o.

“Phakathi kwezinhlak­a esixhumane nazo ngesikhath­i sibhala umqulu, IKZN Blind Society. Sahlala nabo, basitshela izidingo zabo. Uma ubona izinto ezithinta abantu abaphila nokukhubaz­eka emqulwini wethu, kuyobe kuyizinto esizithath­e kubona.”

Unkk Hlongwane-mhlongo uthe kumjabulis­ile ukuba afakwe embangweni wesikhundl­a sobundunan­kulu.

Uthe ukhethwe emva kohlelo olude obeluqhuts­hwa yikomiti elizimele.

“Ikomiti elizimele lathola amagama angaphezu kuka-400. Kwabe sekuhlungw­a, kwenziwa inhlolokho­no. Emva kwalokho ke, ikomiti labe selikhetha igama lami. Kungijabul­isile kakhulu ukuba ngikhethwe. Engikuthan­dayo ukuthi uhlelo beluqhutsh­wa yikomiti elizimele.”

Unkk Hlongwanem­hlongo usebenze kakhulu nezinhlang­ano ezingenzi nzuzo, njengoba esebenze kulo mkhakha iminyaka engu-12.

Uphinde wasebenza kakhulu nomasipala.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMHOLI werise Mzansi Kwazulu-natal, unkk Nonkululek­o Hlongwanem­hlongo, okulindele­ke ukuthi amele le nhlangano embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakulesi sifundazwe
Isithombe: SITHUNYELW­E UMHOLI werise Mzansi Kwazulu-natal, unkk Nonkululek­o Hlongwanem­hlongo, okulindele­ke ukuthi amele le nhlangano embangweni wesikhundl­a sikandunan­kulu wakulesi sifundazwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa