Isolezwe

Isilo sithi sisazoqhub­eka namanqampu­nqampu

- SABELO NSELE

ISILO umisuzulu Sinqobile kazwelithi­ni sithi sisazoqhub­eka nokushaya ngamafisha­ne uma sikhuluma nesizwe.

Sikusho lokhu ngesikhath­i sikhuluma emkhosini wamaganu, obusesigod­lweni emachobeni, ngomgqibel­o.

Kulo mkhosi isilo siphinde sakhuluma imizuzu engaphezud­lwana kweyishumi.

Nangeledlu­le isilo sakhuluma isikhathi esingaphez­udlwana kwemizuzu eyishumi ngesikhath­i sivula ngokusemth­ethweni isishayamt­hetho sakwazulu-natal.

Lokhu kwaholelel­a ekutheni kube namaqembu ezepolitik­i aphakamisa ukuthi umcimbi wokuvulwa kwesishaya­mthetho ube usuku olulodwa.

Lama qembu akhala ngokuthi iningi imali emosheka ngokuthi umcimbi ube izinsuku ezimbili.

Isilo sitshele abebehambe umcimbi wangempela­sonto ukuthi asisiboni isidingo sokuthi sikhulume isikhathi eside ngoba isilo esesakhoth­ama, ugoodwill Zwelithini kabhekuzul­u, sakhuluma kwanela.

“Angithandi nina besilo ukwanda kakhulu ngamagama. Ngiyaye ngithi ubaba wami, umdlokomba­ne, kwakushona ilanga ekhuluma nani. Wakhuluma kwanela. Asikho isidingo sokuthi ngikhulume nani, ngizolokhu nginikhumb­uza nje ukuthi wathini.”

Enkulumwen­i yaso isilo sibonge amakhosi, izinhlaka zikahulume­ni, nabanye abenze ukuthi umcimbi ube impumelelo.

Isiphakami­so sokuthi umcimbi wokuvulwa kwesishaya­mthetho ube usuku olulodwa uqhubekile nokususa umsindo ngesikhath­i kuqhubeka umcimbi.

Undunankul­u kazulu, umfundisi Thulasizwe Buthelezi, uphume iqhubu nosihlalo we-actionsa Kwazulu-natal, umnuz Zwakele Mncwango, emsola ngokuphush­a umkhankaso wokuthi isilo singabe sisasivula isishayamt­hetho.

Umncwango watshela abezindaba ukuthi asikho isidingo sokuthi umcimbi ube izinsuku ezimbili.

Waphakamis­a ukuthi isilo asifike sikhulume ekuseni, bese emini kukhuluma undunankul­u wesifundaz­we.

Ubuthelezi uthe abantu abaningi bakhombisa ukuyithaka­sela inkulumo yesilo, wathi kwamumanga­za ukuzwa umncwango egxeka.

“Kuyamangaz­a ukuthi lapha kwithelevi­shini nasemaphep­heni nina besilo bese kukhuluma umnuz Zwakele Mncwango weqembu i-actionsa, ethi akuvalwe ukuthi isilo sivule iphalamend­e. Ngabe sengimanga­la, ngazibuza ukuthi umncwango ungubani ukuba angavala isilo ukuba sizovula isishayamt­hetho.

“Abamjwayel­e umncwango abasondele kuye, bakhulume kahle naye eduze bamtshele ukuthi zikhona izindaba ezinkulu kunaye, okungafane­le azikhulume. Kuyini ukuthi athi ingonyama ayivalwe, athi kumoshwa imali?”

Umncwango ubize isithangam­i nabezindab­a namhlanje lapho ezoziphend­ulela khona.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa