Isolezwe

Zishe zangqongqa izisebenzi ebezikhiye­lwe umqashi

- ZIMBILI VILAKAZI

ZISHE zangqongqa izisebenzi ezintathu zikhiyelwe umqashi ebhilidini okwakhiwa kulo ifenisha emissionla­nds, everulam, ngomgqibel­o.

Okhulumela ireaction Unit South Africa (Rusa), umnuz Prem Balram uthe zintathu izinsalela ezitholwe kule ndawo ngabezimo eziphuthum­ayo.

Uthe imindeni nabangani babalisa abane abangakwaz­anga ukubuyela emakhaya izolo ekuseni bafike qathatha kule ndawo bezobabhek­a.

Uveze ukuthi ithimba lakwarusa lithole ucingo emva kokuthi abebebheka, belunguze ngewindi lebhilidi ebelisha, baqaphela ukuthi kunezinsal­ela zesidumbu somuntu.

“Kuthe uma befika endaweni yesigameko, bebheka, bathola ukuthi ngempela isidumbu somuntu. Izicishaml­ilo zikamasipa­la wetheku nazo zifikile, zathola ezinye izidumbu ezimbili,” kusho ubalram

Uthe isidumbu esisodwa asikahlonz­wa.

Ngokwezihl­obo zabashonil­e, bayisishiy­agalolunye abokufika basemalawi abebeseben­za ebusuku kule ndawo eyakha ifenisha ngesikhath­i kuqala umlilo.

Kuthiwa uqale ngabo-11.30 ebusuku.

“Zonke izintuba zokuphuma kuthiwa bezikhiywe umqashi ngesikhath­i beqala ukusebenza. Lokhu kushiwo izisebenzi ezisinde kulo mlilo,” kusho yena.

Uqhube wathi zinhlanu izisebenzi ezigxumele ngaphandle, zisuka phezulu, zibalekela umlilo. Uthe zisale nemihuzuko.

“Abezicisha­mlilo basathunga­tha umgilwa wesine,” kusho ubalram.

Nakuba ubalram ethe zitholiwe izidumbu ezintathu, okhulumela amaphoyisa Kwazulunat­al ulieutenan­t Colonel

Nqobile Gwala, uthe izisebenzi ezine azikathola­kali.

Uthe ibhilidi lishe laphela nya. Uthe uphiko lwamaphoyi­sa lwabatakul­i nezinye izinhlaka bahlole isimo, babona ukuthi akuphephil­e ukuthi kungenwe ebhilidini, kubhekwe abagilwa.

“Abemindeni yabagilwa batsheliwe ngalesi simo. Kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu esiteshini samaphoyis­a everulam.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa