Isolezwe

‘Indlondlo yasemabhid­a’ ayinaqembu lepolitiki elijoyinil­e

- THOKOZANI NDLOVU

OSEZAKHELE udumo ngokubonak­ala emicimbini yokwethulw­a kwemiqulu yezethembi­so yamaqembu epolitiki ehlukene egqoke nezikibha zawo ngokuhluka­na emoses Mabhida, uthe alikho iqembu lepolitiki aselijoyin­ile.

Uthembeka Dliwako (21), osedume ngelendlon­dlo yasemoses Mabhida, uthe okwamanje usafuna ukuzwa okushiwo amaqembu bese ekhetha iqembu elihambisa­na nezifiso zakhe.

Useke wabonakala egqoke isikibha SE-EFF emcimbini wayo nese-anc kowayo. Uthe usazobonak­ala nese-ifp namanye amaqembu.

“Sengikubha­lisele ukuvota kodwa bengingaka­bi nalo iqembu engithi ngizolivot­ela. Njengamanj­e ngisalalel­a okuthenjis­wa amaqembu.

Uma sengiwalal­ele wonke enza izithembis­o ngizothath­a isinqumo ngengizoli­votela,” kusho uthembeka.

Le ntokazi yasehoneyv­ille, emgungundl­ovu, yenza unyaka wesibili kwihuman Resources Management emnambithi TVET College.

Ngakolunye uhlangothi uthembeka ubuye afaniswe nomculi kamaskandi ukhuzani kangangoba abantu baze bathi kumele kwenziwe ulibofuzo ukuthola ukuthi abahlobene yini.

Uthe akahlobene nokhuzani futhi akakaze ahlangane naye.

“Akungithus­i ukuzwa abantu bengifanis­a nokhuzani ngoba nasekhaya bahlale besho ukuthi ngifana naye,” usho kanje.

Uthe akayena umuntu olandela kakhulu umaskandi kodwa umculi amkhonzile kuwona ugatsheni wodumo lwengoma ihit After Hit.

Ngokungena emculweni noma kwezobucik­o, uthe akuyona into ayicabanga­yo ngoba akalona igagu kodwa kuziqondan­ele nje waduma ngenxa yokuhambel­a imicimbi yamaqembu epolitiki.

Uthe nasesikole­ni ziyambanga izinhlanga­no zabafundi ezidlelana namaqembu epolitiki.

“Bonke bafuna ngingene ezinhlanga­nweni zabo ukuze ngijoyine amaqembu abo epolitiki. Kukhona nje oze wangiphuca isikibha SE-IFP ebengizosi­gqoka komunye umcimbi wayo ngoba enginxenxa ukuthi ngijoyine iqembu lakhe. Ngisho ngizihambe­la ngizwa abantu bengimemez­a yonke indawo,” kusho yena.

Elendlondl­o yasemabhid­a uthe uliqanjwe ngabantu kodwa ikhasi lakhe lefacebook, uthe livulwe uyena.

Kwabo uthe uyingane yedwa kubazali bakhe kodwa uyise unazo ezinye izingane ezimbili ezindala kunaye azithole ngaphambi kokuthola yena kunina.

Abazali bakhe uthe badabuka emtshezi kodwa sebehlala emgungundl­ovu. Isibongo asisebenzi­sayo uthe esikayise kanti unina owakwandeb­ele.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? EZINYE zezithombe zikathembe­ka Dliwako egqoke izikibha zamaqembu epolitiki
Isithombe: FACEBOOK EZINYE zezithombe zikathembe­ka Dliwako egqoke izikibha zamaqembu epolitiki
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa