Isolezwe

Ekawilliam­s iyisifundo sokuvuka uzithathe-de Sa

- MTHOKOZISI MNCUSENI

OKWENZIWE ngunozinti webafana Bafana, uronwen Williams, evimba amaphenath­i amane emdlalweni we-africa Cup of Nations (Afcon), kufanele kube yisifundo kunoma imuphi umuntu waseningiz­imu Afrika ngobumqoka bokuthi ziqale zikunethe ngaphambi kokuqina ukhakhayi.

Lokhu kushiwo nguroger De Sa, owayengomu­nye wonozinti abasiza ibafana ngesikhath­i idla isicoco se-afcon ngo-1996.

Uwilliams (32) uzakhele ugazi nakubathan­di bebhola lase-afrika ngesikhath­i evimba amaphenath­i amane kwamahlanu obekuyinto engakaze yenzeke emlandweni we-afcon.

Uphenduka iqhawe nje, ngo-2014 wayesezint­ini ngesikhath­i ibrazil ihlelela indebe yomhlaba ibhabhadis­a ibafana ngo 5-0 E-FNB Stadium. Kulo mdlalo, uwilliams wayeqala ukuvimbela iqembu lesizwe.. Kusukela lapho, indaba ka 5-0 webrazil ayikaze iyeke ukulandela lo nozinti wasegqeber­ha. Lokhu kufakazelw­e nawukuthen­gwa kwakhe yimamelodi Sundowns kwisupersp­ort United.

UDE Sa, oyiphini lomqeqeshi eqenjini lesizwe laseqatar, ubekhuluma naleli phephandab­a ngobuqhawe bukawillia­ms ofake ibafana kowandulel­a owamanqamu kwi-afcon. Ibafana isizobheka­na nenigeria ngolwesith­athu.

“Okwenziwe nguwilliam­s mhlawumbe ngeke kuphinde kwenzeke futhi ngoba angikhumbu­li unozinti evimba amaphenath­i amane,” kusho ude Sa.

“Kufanele kube yisifundo kithina sonke singabantu baseningiz­imu Afrika ukuthi ukuwa uma kukhona okuzamayo, akusho ukuthi sekuphelil­e kepha kufanele kube sengathi kukufaka amaphiko.

“Eminyakeni eyishumi edlule, uwilliams ubhekane nenkinga emdlalweni wakhe wokuqala webafana kodwa akazange adikibale.

“Esikhundle­ni sokuyoziva­lela akhihle isililo, ubhukulile wasebenza kakhulu njengoba okuhle sekumlande­la,” kuqhuba ude Sa.

“Ngiyamjabu­lela ngoba lokhu ukwenze ngesikhath­i esikahle kwazise amaqhawe alokhu eya ngokuya eziveza emzansi kusukela kumabhokob­hoko kuya kudricus du Plessis, osanda kubuya nesicoco SE-UFC.”

Uwilliams uvimba amaphenath­i nje, kade esanda kuyitakula kunzima ibafana ngomzuzu wokugcina wesikhathi esengeziwe, egeza umgadli wecape Verde obephume yedwa.

Ngaphandle kwalobu buqhawe, uwilliams uphinde wafica irekhodi lokungange­nelwa yigoli emidlalwen­i emine ye-afcon lika-andre

Arendse owayesesik­watini esisodwa node Sa ngo-1996.

Uwilliams uthe ujabule ngokuwinis­a ibafana kodwa kungaba ngaphezulu uma bengayiwin­a indebe ye-afcon.

“Bengingeke ngikwenze ngedwa lokhu ngakho-ke ngiyakwamu­kela ukuthi ngikhethwe njengomdla­li ongcono kodwa kimina sonke usifanele lo mklomelo.

“Okumqoka kimina wukufaka isandla ekusizeni iqembu njengoba bebelokhu benza abanye ozakwethu kuqhubeka umqhudelwa­no,” kusho uwilliams.

Ibafana yagcina ngo-2000 ukubhekana nenigeria kowandulel­a owamanqamu we-afcon ngesikhath­i lo mqhudelwan­o udlalelwa enigeria naseghana.

Elakuleli lakhala ngaphansi ngo 2-0, lingcwatsh­wa ngutijani Babangida. Akubuzwa ukuthi uwilliams nozakwabo bazofuna ukusenzisa umdlalo wangolwesi­thathu ukuziphind­isela kulezi zimbangi zeminyaka.

 ?? ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X ?? UNOZINTI webafana Bafana, uronwen Williams, uphenduke iqhawe leningizim­u Afrika evimba amaphenath­i amane emdlalweni wamaquarte­rfinal necape Verde ngesonto ebusuku
ISITHOMBE:BACKPAGEPI­X UNOZINTI webafana Bafana, uronwen Williams, uphenduke iqhawe leningizim­u Afrika evimba amaphenath­i amane emdlalweni wamaquarte­rfinal necape Verde ngesonto ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa