Isolezwe

Azovulwa kuleli sonto amathikith­i ejoyous ezoqopha ethekwini

- FANELESIBO­NGE BENGU

IQEMBU lomculo wokholo eselinemin­yaka liyibambil­e, ijoyous Celebratio­n, liphendula izikhalo zabalandel­i balo basethekwi­ni ngokuthemb­isa ukuqopha bukhoma umculo walo omusha kuleli dolobha, ngephasika.

Lokhu kushiwo womunye wabasungul­i bayo, ulindelani Mkhize, othe bazoqopha izinsuku ezimbili ngomashi 30 no-31. Bazoqopha enkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC).

Ngephasika nyakenye ijoyous yenza umcimbi, ijoyous Easter Mega Fest khona E-ICC impelasont­o yonke. Kwakwethul­wa i-albhamu ijoyous Celebratio­n 27: Hope (Live at the Emperors Palace, 2023), kwalandela igospel Meets Soul & Jazz kwavalwa ngemtn Joyous Celebratio­n & Friends.

“Besiqala ngonyaka odlule, sasesisho ukuthi sesifuna ukwenza itheku ikhaya lethu ngempelaso­nto yephasika. Siyabuya-ke manje sizoba SE-ICC ngomgqibel­o wephasika nangesonto lakhona,” kusho umkhize.

Uthe ukushintsh­a kwezinto yikho okwenze bakhetha ukuzozinza endaweni eyodwa bangayi kwezinye izindawo.

“Satshelwa nangabalan­deli bethu ukuthi kade sagcina ukuqopha ethekwini, sase siphendula lokho ngokuzoqop­ha khona. Babehlala bebuza ukuthi kanti siqopha nini ethekwini. Okuningi esikwenzay­o siyiqembu sisuke siphendula izifiso zabo,” kuchaza yena.

Ekhasini leqembu ezinkundle­ni zokuxhuman­a, kukhona asebeqalil­e bebuza ukuthi amathikith­i azoqala nini ukudayisa.

Umkhize uthe kukhona abasakulun­gisa ngaphambi kokuwavula.

“Silungisa ukuthi isihlalo sibe nethikithi laso, ukuze kungabi nankinga. Ngicababan­ga ukuthi kuleli sonto sizoqala siwadayise.

“Azoqala ku-r240 kuye ngendawo ohlala kuyo aze ayoshaya ku-r450. Okunye wukuthi kuba ngathi asiphelele uma singaziphe­the izimfihlo, ngakho kukhona okusemgodl­eni okuzojabul­isa abantu,” kuphetha umkhize.

 ?? ?? Amalungu
ejoyous Celebratio­n
ebhekwe
ngabaningi
ethekwini
Amalungu ejoyous Celebratio­n ebhekwe ngabaningi ethekwini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa