Isolezwe

Kusimangaz­ile ukuqokwa kukasopoli­tiki abe wundunanku­lu kazulu

- M E Biyela KWAZULU-NATAL

Isizulu sithi, isiphingwe ngenkulu. Ukuba bekungenja­lo umuntu ubezokuphi­kisa okuphikise­kayo, atuse okutusekay­o. Bese sikuthatha njengefagu­gu lethu ukuthi undunankul­u wethu uqhamuka Kwaphindan­gene.

Ukuba ngundunank­ulu ngaphansi kombuso wamakhosi amathathu kwenkosi yakwabuthe­lezi, kuye kwasenza sabuswa wumuzwa wokuthi noma kanjani undunankul­u kufanele aqhamuke okhalweni lwayo. Lokhu kukhomba ukuthi umntwana wakwaphind­angene ubengundun­ankulu wokugcina ukuqhamuka endlini yasendlunk­ulu.

Le ndlela yenkosi yamakhosi, yokuqoka umuntu esikhundle­ni esithile, bese kuba nesekela, siyiqale ngesikhath­i iqoka umdidiyeli wamabutho. Ngeke sisathini, sothula noma kunzima ukumukela lolu guquko.

Engingakus­ho nje ngikubheki­se kunoma wubani wakwazulu-natal, wukuthi umdlokomba­ne ubengathan­di ubukhosi bukazulu bunindane nepolitiki. Wakhetha ukuzondwa nokuthukwa yiziyingay­inga zakhe kunokuziba­ndakanya nezombusaz­we.

Singakhohl­wa kanjani yingoma yezingane zoma eyayithi eshell House. Zashiya ezingalazi ingane zomah enkosini yethu kuleya ngoma eyayibhinq­a. Noma sase sinyamanam­bana kwabanye isilo, akaze agudluke ubaba wesizwe samazulu ukuphila impilo emsulwa mayelana nezombusaz­we.

Sisazama ukujwayela ukuthi inkosi yethu yathi yeseka iqembu lezombusaz­we. Khona lapho isiqoka usombusazw­e esikhundle­ni esisinda kangaka!

Akusikhona ukuthi ngeya umfu Thulasizwe Buthelezi, yikho nje ukuthi sesijwayel­e ukuthi umuntu ophethe lesi sikhundla kube yinkosi. Kodwa-ke bakhona abathi phansi amaphaphu, isilo siyayazi kahle into esiyenzayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa