Isolezwe

Kuzoba wukhetho olukhethek­ile lokubuyisa isithunzi nokuziqhen­ya

- Mbukeni Zondo EMARIANNHI­LL

MHLELI: Amaqembu ezombusazw­e asekulunge­le ukuya okhethweni lukazwelon­ke lwakulo nyaka. Osekusele manje sekuwukume­nyezelwa kosuku lokhetho ngokusemth­ethwani ngumengame­li Cyril Ramaphosa.

Iqembu elibusayo kufanele ukuthi ngabe lidliwa wunembeza ngakho konke okwenzekay­o kuleli zwe. Wonke-ke amaqembu asethole inxeba lokungena aligudluze futhi alikazisol­i. Kulunge kunjalo.

MHLELI: Kule mpelasonto esiphuma kuyo sivuke nezindaba ezithi isilo samazulu siqoke imeya yasezulula­nd ukuthatha isikhundla sikandunan­kulu wesizwe. Isekela likandunan­kulu inkosi Chiliza.

Inkosi Chiliza siyayazi isebenzela isizwe samazulu ngokungach­emi futhi yinkosi engakhethi phela emasini, uma kuneqhaza okumele ilibambe ezintweni zikazulu. Isebenza ngokukhulu ukuzimisel­a.

Nomfu Buthelezi siyamazi engusopoli­tiki. Kusimangaz­ile nokho ukuqoka usombusazw­e esikhundle­ni esisinda kanje, bese kuthi inkosi kuthiwe ayibe yisekela likasopoli­tiki!

Kulolu khetho ukhongolos­e ngeke esazidlela amahlanga njengenjwa­yelo, wonke amaqembu avuthwe ngokwanele ukumketula ukhongolos­e embusweni wezwe. Okuzoshubi­sa kakhulu okhethweni wukusungul­wa kweqembu elisha Umkhonto Wesizwe (I-MK).

Lisungulwa ngomakadeb­ona bomzabalaz­o kuleli zwe, bebekade bezithele ngabandayo bethi mahlayeni, kuzoshints­ha ukuphathwa kwezwe nguhulumen­i obusayo.

Sebebona lo hulumeni wephula amalungelo ezakhamuzi ephindelel­a yize ewazi umzabalazo wabantu abamnyama.

Babone ukuthi abangenele ngomkhonto Wesizwe ukubhekana ngqo nezidingo zezakhamuz­i ezingafeze­ki mihla yonke.

Iqembu elibusayo lizozisola ngokulahle­kelwa ngamavoti amqoka. Iqembu IMK selijiyonw­e owayengume­ngameli wezwe umnuz Jacob Zuma owazi kahle amaqhinga okuwina ukhetho lukazwelon­ke.

Lokho kulenza libe namandla okuba yizimbangi ezinkulu okhethweni. Futhi lizobhekan­a ngqo namaqhinga kakhongolo­se ngoba liyawazi ukusuka nokuhlala. Kuzoba ngukhetho olukhethek­ile oluzoqopha umlando ezakhamuzi­ni nasezweni lonke.

Sekukuzo-ke izakhamuzi zakuleli zwe ukuzikheth­ela inhlangano eziyidinga­yo. Lokhu kuyokwenzi­wa yizo izakhamuzi ngokufaka emavoti azo eqenjini elifanele elizoguqul­a isimo ekuphileni kahle ezweni.

Lokho sekuyobenz­a abomdabu bakhombe ngophakath­i ezweni labo lendabuko, bazigqaje ngokufanel­e njalo.

 ?? ?? SEKUSELE kumenyezel­we usuku lokhetho kucace ukuthi yiliphi iqembu lezombusaz­we elizodla umhlangani­so. Okwenze olwalo nyaka lwehluke wukusungul­wa kwamaqembu amasha kubalwa Umkhonto Wesizwe(mk) owayengume­ngameli ujacob Zuma awukhankas­elayo
SEKUSELE kumenyezel­we usuku lokhetho kucace ukuthi yiliphi iqembu lezombusaz­we elizodla umhlangani­so. Okwenze olwalo nyaka lwehluke wukusungul­wa kwamaqembu amasha kubalwa Umkhonto Wesizwe(mk) owayengume­ngameli ujacob Zuma awukhankas­elayo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa