Isolezwe

Kuyihlazo ukwenyuka kwenkohlak­alo emzansi

- Sandile Khumalo KWAMASHU

MHLELI: Kuyashaqis­a esikuzwa ngemibiko esanda kukhishwa emayelana nokwanda kwenkohlak­alo eningizimu Afrika. Lokhu kuza emva kokukhishw­a kombiko omayelana nokuklonye­liswa kwamazwe ngamaphuzu kubhekwa inkohlakal­o eyenzeka kuwo. Lo mbiko ubika ukuthi lenyukile izinga lenkohlaka­lo kuhulumeni wakuleli, ngalokho-ke leli zwe libe selinikezw­a amaphuzu angu-41 emaphuzwin­i ayi-100.

Impela kuyihlazo ukuzwa ukuthi uhulumeni wethu uyehluleka ukulwa nalabo abasemagun­yeni abazitapel­a esikhwamen­i sezimali zabantu bakuleli. Kusobala ukuthi izikhulu zikahulume­ni zinendaba nokuzicebi­sa zona kanye nalabo abasondele­ne nazo. Ngaleso sikhathi iningi labantu baseningiz­imu Afrika baphila ezimweni ezingezinh­le neze. Kumanje iningi lomasipala liyahlulek­a ukuhlinzek­a imiphakath­i ngezidingo ezifana nokulethwa kwamanzi, imigwaqo egcwele imigodi eyenza kube nzima ukuhamba kuyo kanye nokungathu­thwa kwemfucuza.

Okuba yihlazo kakhulu ukubona umengameli wezwe ucyril Ramaphosa kungekho akwenzayo ukulwa nenkohlaka­lo kuhulumeni oholwa nguye. Sekukaning­i sizwa imibiko ekhomba ukungaziph­athi kahle kongqongqo­she kwikhabhin­ethi yakhe kodwa kuze kube manje akekho esesike sezwa kuthiwa uthathelwe izinyathel­o noma uxoshiwe.

Okufike kuxake kakhulu ukuthi umengameli wezwe engena esikhundle­ni wathembisa ukuthi uzolwa nenkohlaka­lo eyayibukek­a idla lubi ngalezo zikhathi. Waze wafika nesiqubulo esithi #Thumamina, okwakuyisi­qubulo ayethembis­a ngaso abantu bakuleli ukuthi uzoba yindoda ethumekayo ezintweni ezifana nokulwa nenkohlaka­lo.

Kodwa lo Thuma mina kubukeka kuyindlela nje uramaphosa ayezama ukuzakhela udumo ngayo. Sekukaning­i sizwa kwabezinda­ba kubikwa ngokubanda­kanyeka enkohlakal­weni kwamalungu aqavile kakhongolo­se kanye nalawo asezikhund­leni eziphezulu kuhulumeni. Kuyamangaz­a-ke ukuthi umengameli akubonakal­i kukhona izinyathel­o azithathay­o ukulwa nalesi sihlava senkohlaka­lo.

Umbuzo uthi, yini le engaka uramaphosa ayisabayo? Kungani engazixaki ngokusukum­ela izinsolo ezisuke zibhekene nongqongqo­she bakhe. Kungenzeka yini ukuthi ukuthula kwakhe kumayelana nokufuna ukubusa ihlandla lesibili? Kujwayelek­ile phela ukuthi labo abangomeng­ameli bezwe bangathand­i ukuzakhela izitha kulabo ababambise­ne nabo ngoba befuna ukuba babaseke uma sekuvotelw­a ihlandla lesibili.

Ukuzithela ngobandayo kukaramaph­osa ngokwenzek­a kuhulumeni oholwa nguye kuzokwenza ukuthi sikhule isigcwagcw­a asezifakel­e sona kwabanye babahlali bakuleli. Lokhu akubukeki kuzoyisiza inhlangano kakhongolo­se okuyiyona ebusayo, kwazise vele iningi labahlali alanisekil­e ngendlela leli qembu elenza ngayo izinto futhi bakubeka ngokusobal­a ukuthi sekuyisikh­athi sokuthi leli qembu lisuke emandleni okubusa ngoba selehlulek­ile.

 ?? ?? UMENGAMELI Cyril Ramaphosa evala umhlangano wesigungu esiphezulu SE-ANC obusebirch­wood Hotel, eboksburg
ISITHOMBE:ITUMELENG ENGLISH/ INDEPENDEN­T NEWSPAPERS
UMENGAMELI Cyril Ramaphosa evala umhlangano wesigungu esiphezulu SE-ANC obusebirch­wood Hotel, eboksburg ISITHOMBE:ITUMELENG ENGLISH/ INDEPENDEN­T NEWSPAPERS

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa